Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 9:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Kwawa masinyane emehlweni akhe kwangathi inkwethu, wabona, wasukuma, wabhapathizwa;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Kwavuthuluka masinyane emehlweni akhe okungathi yinkwethu, wayesebona; esesukumile, wabhabhadiswa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 Kwawa masinyane emehlweni akhe kungathi izinkwethu, wabuye wabona, wasukuma, wabhapathizwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kwawa masinyane emehlweni akhe kungathi izinkwethu, wabuye wabona, wasukuma, wabhapathizwa.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 9:18
11 Referans Kwoze  

Kodwa ingqondo yabo yaba lukhuni. Ngokuba kuze kube sosukwini lwanamuhla, nxa kufundwa isivumelwano esidala, leyo ndwangu isahlezi ingambuliwe, ngokuba iyapheliswa kuKristu;


Manje-ke ulibalelani na? Sukuma, ubhapathizwe, uhlambulule izono zakho ngokukhuleka egameni lakhe.’


UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.


Ngokuba uNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye,” nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu.


Ngakho abalamukeleyo izwi lakhe babhapathizwa, kwenezelwa ngalowo muhla abantu kungathi izinkulungwane ezintathu.


USawulu wayesevuka phansi; kepha esevulile amehlo akhe, kabonanga lutho. Base bembamba ngesandla, bamyisa eDamaseku.


Khona wahamba u-Ananiya, wangena endlini, wabeka izandla phezu kwakhe, wathi: “Sawulu umzalwane, iNkosi uJesu eyabonakala kuwe endleleni oze ngayo, ingithumile ukuba ubuye ubone, ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.”


esedlile wathola amandla. Wahlala nabafundi baseDamaseku izinsuku ezithile.


weza kimi, wema, wathi kimi: ‘Sawulu, mzalwane, buye ubone.’ Mina ngase ngimbona ngaso leso sikhathi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite