Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 9:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 INkosi yayisithi kuye: “Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, namakhosi, nabantwana bakwa-Israyeli,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Kepha iNkosi yathi kuye: “Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, emakhosini, nakubantu bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Kodwa iNkosi yathi kuye: Hamba;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kodwa iNkosi yathi kuye: Hamba;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 9:15
38 Referans Kwoze  

Ngikhuluma kini nina bezizwe. Njengokuba mina ngingumphostoli wabezizwe, ngidumisa ukukhonza kwami


esamukela ngaye umusa nobuphostoli kube ngukulalela kokukholwa ezizweni zonke ngenxa yegama lakhe,


engamiselwa khona mina ukuba ngibe ngummemezeli nomphostoli – ngikhuluma iqiniso, angiqambi amanga – yebo, umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.


“Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi; ungakaphumi esizalweni ngakungcwelisa, ngakubeka umprofethi ezizweni.”


Akakho osempini olibala izidingo zalokhu kuphila, aze akholeke kulowo abuthwe nguye.


“Wathi kimi: ‘Hamba, ngokuba mina ngizakukuthuma uye kude kwabezizwe.’ ”


Aningikhethanga nina, kodwa mina nginikhethile nina, nganibeka ukuba niphume, nithele izithelo, nezithelo zenu zihlale ukuba noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.


engamiselwa lona ukuba ngibe ngummemezeli, nomphostoli, nomfundisi;


UPawulu, umphostoli ongaveli kubantu noma ngomuntu, kodwa ngoJesu Kristu noNkulunkulu uYise owamvusa kwabafileyo,


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kepha akusimina kodwa ngumusa kaNkulunkulu okimi.


Kwathi bekhonza iNkosi, bezila, uMoya oNgcwele wathi: “Ngahlukaniseleni oBarnaba noSawulu ukuba baye emsebenzini engibabizele wona.”


Niyakuyiswa nangaphambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe.


Ayakulwa neWundlu, neWundlu liyakuwanqoba, ngokuba liyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi, nabakanye nalo, ababiziweyo, nabakhethiweyo, nabathembekileyo.”


yathi: ‘Ungesabi, Pawulu; umelwe ukuma phambi kukaKesari; bheka, uNkulunkulu ukuphile bonke abahamba nawe emkhunjini.’


Kepha u-Agripha wathi kuFestu: “Lo muntu ngabe ekhululiwe, uma ebengalidluliselanga kuKesari.”


U-Agripha wayesethi kuFestu: “Nami bengithanda ukumuzwa lowo muntu.” Wathi: “Uzakumuzwa ngomuso.”


Wababingelela, wabalandisa ngakho konke ngakunye uNkulunkulu abekwenzile phakathi kwabezizwe ngenkonzo yakhe.


Kepha uJehova wathi kimi: “Ungasho ukuthi ungumntwana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, nakho konke engikuyala ngakho uyakukukhuluma.


Kwathi emva kwezinsuku ezintathu wabizela ndawonye kuye abakhulu babaJuda; sebebuthene, wathi kubo: “Madoda, bazalwame, noma mina ngingenzanga lutho oluphambene nesizwe namasiko awobaba, nokho ngasuswa eJerusalema ngiyisiboshwa, nganikelwa ezandleni zamaRoma;


“Wayesethi: ‘UNkulunkulu wawobaba wakumisela ngaphambili ukuyazi intando yakhe, nokumbona oLungileyo, nokulizwa izwi eliphuma emlonyeni wakhe,


Khona u-Agripha wathi kuPawulu: “Uvunyelwe ukuba uzikhulumele.” UPawulu wayeselula isandla, waziphendulela wathi:


“Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi le nsindiso kaNkulunkulu ithunyelwe kwabezizwe; bona-ke bayakuzwa.”


UPawulu, inceku kaKristu Jesu, umphostoli obiziweyo nowahlukaniselwe ivangeli likaNkulunkulu,


Ngokuba noma ngishumayela ivangeli, anginaludumo ngalokho, ngokuba ngimelwe ukwenze njalo; ngokuba maye kimina uma ngingalishumayeli ivangeli!


Ngenxa yalokho mina Pawulu ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu ngenxa yenu nina bezizwe –


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite