Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 8:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngokuba kwaphuma omoya abangcolileyo kwabaningi abakhwelwa yibo, bememeza ngezwi elikhulu; nabaningi abafe uhlangothi nabayizinyonga baphulukiswa;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Kwaphuma imimoya engcolileyo kwabaningi ababenayo, iphuma imemeza ngezwi elikhulu. Kwaphiliswa abaningi abafe uhlangothi, nabayizinyonga.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Ngokuba kwaphuma omoya abangcolileyo kwabaningi abanabo, bememeza ngezwi elikhulu; nabaningi abafe uhlangothi nabayizinyonga baphulukiswa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngokuba kwaphuma omoya abangcolileyo kwabaningi abanabo, bememeza ngezwi elikhulu; nabaningi abafe uhlangothi nabayizinyonga baphulukiswa.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 8:7
16 Referans Kwoze  

Wayesebabiza abafundi bakhe abayishumi nambili, wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo ukuba babakhiphe, nawokuphulukisa izifo zonke nokugula konke.


Kwabuthana nesixuku esivela emizini ezungeze iJerusalema, beletha abagulayo nabakhathazwa ngawomoya abangcolileyo; baphulukiswa bonke.


uNkulunkulu futhi efakaza kanye nabo ngezibonakaliso, nangezimangaliso, nangemisebenzi yamandla eyizinhlobo nhlobo, nangokwabelwa kukaMoya oNgcwele ngokwentando yakhe.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza, nemikhulu kunale uyakuyenza; ngokuba mina ngiya kuBaba.


Babuya-ke abangamashumi ayisikhombisa ngokujabula, bathi: “Nkosi, namademoni ayasithobela ngegama lakho.”


Wamemeza, wamhlukumeza kakhulu, waphuma; waba njengofileyo, baze bathi abaningi: “Usefile.”


Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli;


Udumo lwakhe lwezwakala ezweni lonke laseSiriya; baletha kuye bonke abagulayo abaphethwe yizifo ngezifo nobuhlungu, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi, wabaphulukisa.


Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba, ngokuba ehlane kuyakubhoboka amanzi, nemifudlana kwahlongasibi.


Izixuku zalalela nganhliziyonye okwakhulunywa nguFiliphu, zizwa, zibona izibonakaliso azenzayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite