Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 8:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 UFiliphu wayesegijimela kuyo, wayizwa ifunda umprofethi u-Isaya, wathi: “Uyakuqonda kambe lokhu okufundayo na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

30 UFiliphu wagijima wasondela kuyo, wayizwa ifunda umphrofethi u-Izaya, wayesethi kuyo: “Uyakuqonda yini lokho okufundayo na?”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

30 UFiliphu wagijima waya kuyo, wayizwa ifunda umprofethi u-Isaya, wathi: “Uyakuqonda yini okufundayo na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 UFiliphu wagijima waya kuyo, wayizwa ifunda umprofethi u-Isaya, wathi: “Uyakuqonda yini okufundayo na?

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 8:30
18 Referans Kwoze  

Nihlola imibhalo, ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami.


Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi.


Wayesebabiza abantu, wathi kubo: “Yizwani, niqonde.


Kepha ohlwanyelwe emhlabathini omuhle nguye olizwa izwi, aliqonde, athele impela isithelo, omunye aveze ngekhulu, omunye ngamashumi ayisithupha, omunye ngamashumi amathathu.”


Yilowo nalowo olizwa izwi lombuso engaliqondi ufikelwa ngomubi ohlwitha okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Yilowo ohlwanyelwe ngasendleleni.


Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


kodwa ebandleni ngingathanda ukukhuluma amazwi ayisihlanu ngengqondo yami, ukuze ngifundise abanye, kunamazwi ayizinkulungwane eziyishumi ngezilimi.


“Kepha nxa nibona amanyala encithakalo emi lapho kungafanele khona – ofundayo makaqaphele – khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni,


“Ngakho-ke nxa nibona amanyala encithakalo ashiwo nguDaniyeli umprofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele –


“Nikuqondile konke lokho na?” Bathi kuye: “Yebo.”


Ngiyakugijima ngendlela yemiyalo yakho, ngokuba uyakwandisa inhliziyo yami.


Nakhu ukuhlakanipha. Onengqondo makabale isibalo sesilo, ngokuba siyisibalo somuntu. Nesibalo sakhe singamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha.


Wayesesuka wahamba. Bheka, nansi indoda yase-Etiyopiya, umthenwa, isikhulu sikaKhandakhe inkosikazi yase-Etiyopiya, ebiphezu kwengcebo yayo yonke, ebifikile eJerusalema izakukhuleka;


UJesu wathi kubo: “Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngifeze umsebenzi wakhe.


UFiliphu wehlela emzini waseSamariya, wabashumayeza uKristu.


UMoya wathi kuFiliphu: “Sondela, unamathele kuleyo nqola.”


Yona yathi: “Ngingakwazi kanjani, uma kungekho ongiholayo na?” Yamnxusa uFiliphu ukuba akhwele ahlale nayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite