Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 8:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 ngokuba ngiyabona ukuthi usenyongweni ebabayo nasekuboshweni kokubi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 ngokuba ngiyabona ukuthi ugcwele umona futhi uyisigqila sobubi.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 Ngokuba ngiyabona ukuthi usenyongweni ebabayo, nasesibophweni sobubi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngokuba ngiyabona ukuthi usenyongweni ebabayo, nasesibophweni sobubi.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 8:23
18 Referans Kwoze  

“Akusikho lokhu kuzila engikukhethileyo yini: ukuthukulula izibopho zobubi nokuxegisa imichilo yejoka; ukukhulula abacindezelwayo nokwaphula onke amajoka na?


Omubi uyakubanjwa ngububi bakhe, abhajwe ngezintambo zezono zakhe.


niqaphelisise kungabikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande imbe ebabayo, inixobise, kungcoliswe abaningi yiyo,


UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono.


bebathembisa inkululeko, kanti bona uqobo lwabo bayizigqila zokubhubha; ngokuba lokho umuntu ahlulwa yikho uyisigqila sakho.


Ngokuba uma uNkulunkulu engayekanga izingelosi ezonileyo, kodwa wazinikela ukuba ziphonswe esihogweni, emigodini yobumnyama, ukuba zigcinelwe ukwahlulelwa,


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu, sizondekile sizondana.


Khumbula ukuhlupheka kwami nosizi lwami, umhlonyane nenyongo.


Ungakhele, wangihaqa ngenyongo nangokushikashikeka.


Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubanika laba bantu ukuba badle umhlonyane, baphuze amanzi enyongo.


“Ukuhamba kwakho nezenzo zakho kukwenzele lokhu; lokhu kuyingozi yakho ngokuba imunyu; ifinyelele enhliziyweni yakho.”


Ngalokho ningadeleli, funa izibopho zenu ziqiniswe, ngokuba ngizwile eNkosini uJehova Sebawoti ukuthi ukuphela kunqunyiwe phezu kwawo wonke umhlaba.


Ngiyinceku yakho impela, Jehova; ngiyinceku yakho, indodana yencekukazi yakho; uthukululile izintambo zami.


kuyaguquka nokho ukudla kwakhe phakathi kwakhe, kube yinyongo yamabululu ezibilinini zakhe.


Konke okubabayo, nentukuthelo, nolaka, nomsindo, nokuhlambalaza makususwe kini kanye nakho konke okubi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite