Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 8:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Ngakho-ke phenduka kulobu bubi bakho, unxuse eNkosini, ingabe ungathethelelwa yini isizindlo senhliziyo yakho,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Ngakho-ke phenduka kulobu bubi, ukhuleke eNkosini, hleze ikuthethelele umdlinzo wenhliziyo yakho,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Ngakho-ke phenduka kulobu bubi bakho, unxuse kuNkulunkulu, ukuba mhlawumbe uthethelelwe isizindlo senhliziyo yakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngakho-ke phenduka kulobu bubi bakho, unxuse kuNkulunkulu, ukuba mhlawumbe uthethelelwe isizindlo senhliziyo yakho.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 8:22
23 Referans Kwoze  

Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo;


Ngalokho, nkosi, masamukeleke kuwe isiluleko sami, unqamule izono zakho ngokulunga, nobubi bakho ngokuba nomusa kwabampofu; mhlawumbe kungelulwa ukuthula kwakho.”


Kumbe uyayidelela yini ingcebo yobumnene, neyokubekezela, neyenyewe yakhe, ungazi ukuthi ubumnene bukaNkulunkulu bukuyisa ekuphendukeni na?


Ngokuba izikhathi zokungazi wazithalalisa uNkulunkulu, kodwa kalokhu usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke,


INkosi yayisithi kuye: “Suka uye esitaladini esithiwa Siqondile, ufune endlini kaJuda umuntu ogama lakhe linguSawulu waseTarsu; ngokuba bheka, uyakhuleka;


ngamnika isikhathi sokuba aphenduke, kepha kavumi ukuphenduka ekufebeni kwakhe.


Kepha uPetru wathi kuye: “Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe, ngokuba uthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali.


Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu,


UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.


Ngubani owaziyo uma uNkulunkulu engayikubuya, azisole, abuye ekufutheni kwentukuthelo yakhe, size singabhubhi, na?”


Kwase kusondela kuye induna yomkhumbi, yathi: “Unani wena olele ubuthongo na? Vuka, ubize uNkulunkulu wakho; mhlawumbe lo Nkulunkulu uyakusikhumbula ukuba singabhubhi.”


Zondani okubi, nithande okuhle, nimise ukwahlulela esangweni; mhlawumbe uJehova uNkulunkulu Sebawoti uyakuba nomusa kuyo insali yakwaJosefa.


Funani uJehova, niphile, funa afikele indlu kaJosefa njengomlilo, udle, kungekho owucimayo eBethele.


Ukuceba ubuwula kuyisono, nesideleli siyisinengiso kubantu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite