Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 8:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Awunasabelo nalifa kuleli zwi, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile phambi kukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Awunasabelo nalifa kuleli lizwi, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile phambi kukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Awunasabelo nasabelo kule ndaba, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile emehlweni kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Awunasabelo nasabelo kule ndaba, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile emehlweni kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 8:21
19 Referans Kwoze  

futhi akukho nto edaliweyo engabonakali phambi kwakhe, kepha konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe esiyakuzilanda kuye.


Wathi kuye ngokwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuye: “Nkosi, wazi konke wena, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yipha izimvu zami.


futhi uma ekhona osusa utho kuwo amazwi encwadi yalesi siprofetho, uNkulunkulu uyakususa isabelo sakhe emthini wokuphila, nasemzini ongcwele, nakulokhu okulotshiwe kule ncwadi.


Inkulumo yesiphambeko komubi, isekujuleni kwenhliziyo yami, ithi: Akukho ukumesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo akhe.


Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; kulabo ukufa kwesibili akunamandla, kepha bayakuba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane.


ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; amabandla onke ayakwazi ukuthi nginguye ophenya izinso nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika yilowo nalowo wenu ngokwemisebenzi yakhe.


“Bheka, umphefumulo wakhe uziphakamisile, awuqotho phakathi kwakhe, kepha olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe.


Wenza okulungile emehlweni kaJehova, kungenganhliziyo epheleleyo kodwa.


UJehova wenzile iJordani umkhawulo phakathi kwethu nani, nina bantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi; aninasabelo kuJehova;’ abantwana benu bese bebuyisela emuva abantwana bethu ukuba bangabe besamesaba uJehova.


“Ndodana yomuntu, lawa madoda angenisile izithombe zawo ezinhliziyweni zawo, abeka isikhubekiso sokona kwawo phambi kobuso bawo. Impela ngiyakubuzwa yiwo na?


Ngalokho uLevi akanasabelo noma ifa kanye nabafowabo; uJehova uyifa lakhe njengokukhuluma kukaJehova uNkulunkulu wakho kuye.


niyakwenama phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nina namadodana enu, namadodakazi enu, nezinceku zenu, nezincekukazi zenu, nomLevi ophakathi kwamasango enu, lokhu engenasabelo nafa kini.


Ngase ngibabuyisela amazwi, ngathi kubo: “UNkulunkulu wezulu uyakusiphumelelisa; ngalokho thina zinceku zakhe siyakusuka sakhe, kepha nina aninasabelo, nalungelo, nasikhumbuzo eJerusalema.”


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.


Ngokuba yazini lokhu, nikuqonde ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu.


umpristi abheke; uma utwayi lwandile esikhumbeni, bheka, khona umpristi uyakusho athi ungcolile; kuluchoko.


UFiliphu wathi kuye: “Uma ukholwa ngenhliziyo yonke, kungenziwa.” Waphendula wathi: “Ngiyakholwa ukuthi uJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite