Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 8:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Amadoda akholwayo ammbela uStefanu, amkhalela isililo esikhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Amadoda akholwayo amngcwaba uStefani, amkhalela isililo esikhulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Amadoda akholwayo amngcwaba uStefanu, amkhalela kakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Amadoda akholwayo amngcwaba uStefanu, amkhalela kakhulu.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 8:2
19 Referans Kwoze  

wayengumuntu okholwayo nowesaba uNkulunkulu kanye nendlu yakhe yonke, abela abantu abampofu izipho eziningi, ekhuleka kuNkulunkulu njalonjalo.


Kepha kwakukhona abaJuda abakhile eJerusalema, amadoda akholwayo, evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu;


Bheka, kwakukhona umuntu eJerusalema ogama lakhe linguSimeyoni; lo muntu wayelungile, emesaba uNkulunkulu, ebhekile induduzo ka-Israyeli; noMoya oNgcwele wayephezu kwakhe.


Ngalokho usho kanje uJehova ngoJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, uthi: “Abayikumkhalela ngokuthi: ‘Hhawu, mfowethu,’ noma, ‘hhawu, dadewethu!’ futhi bangamkhaleli ngokuthi: ‘Hhawu, nkosi,’ noma, ‘hhawu, bukhosi bakhe!’


Ningakhaleli ofileyo, ningamlileli, kepha nimkhalele nokumkhalela omukayo, ngokuba akasayikubuya, kasayikubona izwe lokuzalwa kwakhe.


Naye uJeremiya wamlilela uJosiya; bonke abahlabeleli besilisa nabesifazane bakhuluma ngoJosiya ekulileni kwabo kuze kube namuhla; bakwenza kwaba yisimiso kwa-Israyeli; bheka, kulotshiwe eziLilweni.


UHezekiya wayeselala koyise; bammbela emmangweni wamathuna amadodana kaDavide; wonke uJuda nabakhileyo eJerusalema bamenzela udumo ekufeni kwakhe. UManase indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


UDavide wathi kuJowabe nakubantu bonke ababe naye: “Klebhulani izingubo zenu, nibhince indwangu yamasaka, nilile phambi kuka-Abineri.” Inkosi uDavide yalandela uhlaka.


USamuweli wayesefile; wonke u-Israyeli wamkhalela, wammbela eRama umuzi wakhe. USawule wayexoshile ezweni abanamadlozi phakathi kwabo nabathakathi.


Abantwana bakwa-Israyeli bamkhalela uMose emathafeni akwaMowabi izinsuku ezingamashumi amathathu; zaphela-ke izinsuku zokukhala ekumlileleni uMose.


Lapho inhlangano yonke ibona ukuthi u-Aroni ufile, bamlilela u-Aroni izinsuku ezingamashumi amathathu, yonke indlu yakwa-Israyeli.


USara wafela eKiriyati Araba okuyiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama wafika ukumlilela uSara nokumkhalela.


Kepha uSawulu wayevumelene nabo ngokubulawa kwakhe. Ngalolo suku kwavela ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli bodwa.


Kepha uSawulu walichitha ibandla, engena ezindlini ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni.


Kwakhuphuka nabo nezinqola, nabamahhashi; kwaba yibandla elikhulu impela.


Kwathi ukuba abafundi bakhe bakuzwe lokho, beza bathatha isidumbu sakhe, basibeka ethuneni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite