Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 8:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Khona babeka izandla phezu kwabo; base bamukela-ke uMoya oNgcwele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Ngakho-ke babeka izandla phezu kwabo, base bemukela uMoya oNgcwele.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Basebebeka izandla phezu kwabo, basebemamukela uMoya oNgcwele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Basebebeka izandla phezu kwabo, basebemamukela uMoya oNgcwele.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 8:17
15 Referans Kwoze  

Kwathi uPawulu esebekile izandla phezu kwabo, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo; base bekhuluma ngezilimi, baprofetha.


babamisa phambi kwabaphostoli; bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo.


Ngaleso sizathu ngiyakukhumbuza ukuba uvuse isipho somusa sikaNkulunkulu esikhona kuwe ngokubeka izandla zami.


Kepha uSimoni, ebonile ukuthi ngokubekwa kwezandla zabaphostoli uyaphiwa uMoya, waletha imali kubo,


Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.


nesifundiso sombhapathizo nokubeka izandla, nokuvuka kwabafileyo nokwahlulelwa okuphakade.


Ngokuba ngilangazelela ukunibona ukuze nginabele isipho esithile somusa sokomoya ukuba niqiniswe,


Khona wahamba u-Ananiya, wangena endlini, wabeka izandla phezu kwakhe, wathi: “Sawulu umzalwane, iNkosi uJesu eyabonakala kuwe endleleni oze ngayo, ingithumile ukuba ubuye ubone, ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.”


UJehova wathi kuMose: “Zithabathele uJoshuwa indodana kaNuni, umuntu onomoya, ubeke isandla sakho phezu kwakhe,


ulethe amaLevi phambi kukaJehova; abantwana bakwa-Israyeli babeke izandla zabo phezu kwamaLevi,


Ungasheshi ubeke izandla noma kubani, futhi ungahlanganyeli izono zabanye, uzigcine ube mhlophe.


Ungasidebeseli isiphiwo esikuwe, owasiphiwa ngezwi lokuprofetha nangokubekwa izandla ngamalunga.


Khona bazila ukudla bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo, babamukisa.


wamncenga kakhulu, wathi: “Indodakazi yami isiyalela; ake uze, ubeke izandla phezu kwayo ukuba isindiswe, iphile.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite