Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 8:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 banamathela kuye bonke kusukela kwabancinyane kuze kube kwabakhulu, bethi: “Lo ungamandla kaNkulunkulu abizwa ngokuthi Makhulu,”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Babemnaka bonke, kusukela kwabancane kuya kwabadala, bethi: “Lo ungamandla kaNkulunkulu abizwa ngokuthi Makhulu.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 ababemlalela bonke, kusukela komncane kuze kube komkhulu, bethi: Lo ungamandla kaNkulunkulu amakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 ababemlalela bonke, kusukela komncane kuze kube komkhulu, bethi: Lo ungamandla kaNkulunkulu amakhulu.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 8:10
12 Referans Kwoze  

abasayikufundisana, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, kube yilowo nalowo umfowabo, ngokuthi: ‘Yazi uJehova,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabakhulu babo,” usho uJehova, “ngokuba ngiyakuthethelela ububi babo, nesono sabo angisayikusikhumbula.”


Elinye lamakhanda aso kungathi lalidebezwe okokufa, kepha ingozi yaso yokufa yelashwa, umhlaba wonke walandela isilo, umangala;


nabaningi bayakulandela amanyala abo; ngenxa yabo indlela yeqiniso iyakuhlanjalazwa;


ukuze singabe sisaba yizingane, sishukunyiswa okwamaza, sipheshulwa yimimoya yonke yezifundiso ngenkohliso yabantu, ngobuqili obunamacebo okudukisayo;


Ngokuba abayiziwula nibabekezelela ngenjabulo, lokhu ningabahlakaniphileyo,


kepha kubo ababiziweyo, abaJuda namaGreki, sishumayela uKristu, amandla kaNkulunkulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu.


Kepha babheka ukuthi usezakuvuvuka, nokuba awe phansi masinyane, afe. Kepha sebebheka isikhathi eside, bebona ukuthi akafikelwa ngozi, baphenduka bathi ungunkulunkulu.


Kwathi-ke izixuku zikubona lokho akwenzile uPawulu, zaphakamisa izwi lazo, zathi ngesiLikawoniya: “Onkulunkulu befana nabantu behlele kithi.”


Abantu baseNineve bakholwa nguNkulunkulu; bamemezela ukuzila ukudla, bembatha izindwangu zamasaka, kusukela kwabakhulu babo kwaze kwaba kwabancane.


Ngalokho abafazi babo ngiyakubanika abanye, namasimu abo kwabayakuwadla, ngokuba kusukela kwabancane kuya kwabakhulu bayaphanga impango bonke, nabaprofethi nabapristi bonke baqamba amanga.


“Ngokuba kusukela kwabancane babo kuya kwabakhulu babo bayaphanga impango bonke, nabaprofethi nabapristi bonke baqamba amanga.


Zase zisondela zonke izinduna zempi, noJohanani indodana kaKhareya, noJezaniya indodana kaHoshaya, nabantu bonke abancane nabakhulu,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite