Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 8:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kepha uSawulu wayevumelene nabo ngokubulawa kwakhe. Ngalolo suku kwavela ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli bodwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 USawula wayevumelene nabo ngokuthi akabulawe. Ngalolo lusuku kwaba nokuhlushwa kwebandla okukhulu eJerusalema. Abazalwane bonke bahlakazekela ezifundeni eJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli kuphela.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Kodwa uSawuli wayevumelana lokubulawa kwakhe. Ngaleso sikhathi kwaba khona ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya, kwasala abaphostoli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kodwa uSawuli wayevumelana lokubulawa kwakhe. Ngaleso sikhathi kwaba khona ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya, kwasala abaphostoli.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 8:1
35 Referans Kwoze  

futhi mhla kuchithwa igazi likaStefanu ufakazi wakho, ngangimi khona mina, ngivuma, ngilinda izingubo zabambulalayo.’


bamkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe. Ofakazi babeka izingubo zabo ngasezinyaweni zensizwa egama layo linguSawulu.


Base bebabiza abaphostoli, babashaya, babayala ngokuthi bangakhulumi ngegama likaJesu, babakhulula.


Bona sebezwile bathukuthela, bafuna ukubabulala.


kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”


Kwathi ukuba abaphostoli baseJerusalema bezwe ukuthi iSamariya lilamukele izwi likaNkulunkulu, bathumela kubo oPetru noJohane;


Njalo-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke laseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.


Abahlakazekileyo base behamba, beshumayela izwi levangeli.


Khumbulani izwi enganitshela lona mina lokuthi: ‘Inceku ayinkulu kunenkosi yayo.’ Uma bengizingele mina, nani bayakunizingela; uma begcina izwi lami, nelenu bayakuligcina.


Ngokukholwa washiya iGibithe engesabi ulaka lwenkosi; ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.


Kepha ngithanda ukuba nazi, bazalwane, ukuthi lokho okwangehlelayo kugcine kwaveza ukuqhubeka kwevangeli,


Kwakukhona e-Antiyokiya ebandleni lakhona abaprofethi nabafundisi: oBarnaba, noSimeyoni othiwa uNigeri, noLukiyu waseKhurene, noManayeni owayondliwe kanye noHerode umtetrarki,* noSawulu.


Nguye lowo owayesebandleni ehlane kanye nengelosi eyakhuluma naye entabeni yaseSinayi kanye nawobaba, nowamukela amazwi okuphila, ukuze aninike wona.


“Hambani, nime nikhulume ethempelini kubantu amazwi onke alokhu kuPhila.”


babamba abaphostoli, babafaka etilongweni lombuso.


bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.


Bayakunikhipha emasinagogeni,* yebo, siyeza isikhathi sokuba lowo onibulalayo uyakuthi ukhonza uNkulunkulu.


Ngakho-ke, bhekani, mina ngithuma kini abaprofethi, nabahlakaniphileyo, nababhali; abanye kubo niyakubabulala, nibabethele; abanye niyakubashaya emasinagogeni* enu, nibaxoshe imizi ngemizi


Abaseleyo babamba izinceku zakhe, baziphatha kabi, bazibulala.


“Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? Akasasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, anyathelwe ngabantu.


Yayisijabula kakhulu inkosi, yayaleza ukuba uDaniyeli akhushulwe emphandwini. UDaniyeli wayesekhushulwa emphandwini, akufunyanwanga mcothu kuye, ngokuba wayemethembile uNkulunkulu wakhe.


UDaniyeli esekwazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe amafasitele ekamelo lakhe ayevulekile ebhekisa eJerusalema waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho enzile kuqala.


Ngathuma izithunywa kubo, ngathi: “Ngisebenza umsebenzi omkhulu, anginakwehla; umsebenzi ubuyakumelani, ngiwuyeke, ngehlele kini, na?”


Kwathi bekuzwa lokho, bahlabeka ezinhliziyweni, bamgugudela amazinyo.


Amadoda akholwayo ammbela uStefanu, amkhalela isililo esikhulu.


UFiliphu wehlela emzini waseSamariya, wabashumayeza uKristu.


“Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola.


lokho ngase ngikwenza-ke eJerusalema; mina ngabafaka abaningi kwabangcwele ematilongweni, ngiwatholile amandla kubapristi abakhulu, nalapho bebulawa ngabalahla ngevoti* lami.


abathi besazi isimiso sokulunga sikaNkulunkulu sokuthi abenza okunjalo bafanele ukufa, abenzi lokho kuphela, kodwa babuye bavumelana nabakwenzayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite