Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 7:60 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

60 Wayeseguqa phansi, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Nkosi, ungababaleli lesi sono.” Eseshilo lokho walala ubuthongo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

60 Wayeseguqa phansi, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Nkosi, ungababaleli lesi sono.” Esekushilo lokho walala ubuthongo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

60 Waseguqa phansi, wamemeza ngelizwi elikhulu wathi: Nkosi, ungababaleli lesisono. Eseshilo lokho walala ubuthongo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

60 Waseguqa phansi, wamemeza ngelizwi elikhulu wathi: Nkosi, ungababaleli lesisono. Eseshilo lokho walala ubuthongo.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 7:60
23 Referans Kwoze  

Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo


Kepha uJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana izingubo zakhe, benzelana inkatho.


Kepha kalokhu uKristu uvusiwe kwabafileyo, engulibo lwabaleleyo.


Eseshilo lokho waguqa phansi kanye nabo bonke, wakhuleka.


Kepha uPetru wabakhipha bonke, waguqa ngamadolo, wakhuleka, waphendukela esidunjini, wathi: “Thabitha, vuka!” Wayesevula amehlo akhe, wabona uPetru, walulama.


nibusise abaniqalekisayo, nibakhulekele abanidumazayo.


Khona-ke nalabo asebalala bekuKristu babhubhile.


Kwathi sesiqedile lezo zinsuku, saphuma sahamba; bonke basiphelekezela kanye nawomkabo nabantwana, kwaze kwaba ngaphandle komuzi; saguqa ngamadolo ogwini, sakhuleka,


“Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola.


Wamonyuka kubo kungathi ibanga lokuphonsa itshe, waguqa phansi, wakhuleka,


owasifelayo ukuba, noma siqwashile noma silele, siphile kanye naye.


emva kwalokho wabonwa ngasikhathi sinye ngabazalwane abadlula amakhulu ayisihlanu, iningi labo lisekhona nakalokhu, kepha abanye sebelele;


amathuna avuleka, imizimba eminingi yabangcwele ababelele yavuka;


UDaniyeli esekwazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe amafasitele ekamelo lakhe ayevulekile ebhekisa eJerusalema waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho enzile kuqala.


Ngenxa yalokho baningi phakathi kwenu ababuthakathaka nabagulayo, nabaningana balele.


Ngesikhathi somnikelo wakusihlwa ngavuka ekuzileni kwami, ingubo yami nejazi lami kuklebhukile, ngaguqa ngamadolo, ngelulela izandla zami kuJehova uNkulunkulu wami,


Bhekani, ngiyanitshela imfihlakalo; asiyikulala sonke, kepha siyakuguqulwa sonke,


Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ihlazo nokunengwa okuphakade.


Wakhuluma lokho; emva kwalokho wathi kubo: “ULazaru umhlobo wethu ulele, kepha ngiyahamba ukuba ngimvuse ebuthongweni.”


Ekuziphenduleleni kwami kokuqala kwakungekho muntu ongimelayo, kepha bonke bangishiya; makungabalelwa kubo lokho;


bethi: “Siphi isithembiso sokufika kwakhe na? Ngokuba kuselokhu obaba balala, konke kumi kunjalo njengakwasekuqaleni kokudalwa.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite