Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 7:46 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

46 owathola umusa ebusweni bukaNkulunkulu, wacela ukufunela uNkulunkulu kaJakobe idokodo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

46 owafumana umusa phambi kukaNkulunkulu, wacela ukwenzela uNkulunkulu kaJakobe idokodo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

46 owathola umusa phambi kukaNkulunkulu, wacela ukutholela uNkulunkulu kaJakobe itabernakele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

46 owathola umusa phambi kukaNkulunkulu, wacela ukutholela uNkulunkulu kaJakobe itabernakele.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 7:46
18 Referans Kwoze  

Esemkhiphile wabavusela uDavide abe yinkosi, afakaza ngaye ukuthi: ‘Ngimfumene uDavide kaJesayi, umuntu ongowenhliziyo yami, oyakwenza konke engikuthandayo.’


Wayesethi uDavide kuMikhali: “Ngaphambi kukaJehova owangikhetha phezu kukayihlo naphezu kwayo yonke indlu yakhe ukungimisa ukuba ngibe ngumbusi wabantu bakaJehova kwa-Israyeli, yebo, ngaphambi kukaJehova ngathokoza.


UJehova wathi kuSamuweli: “Uyakumkhalela kuze kube nini na? Ngokuba ngimlahlile ukuba angabe esaba yinkosi phezu kuka-Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe; ngiyakukuthuma kuJese waseBetlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.”


UJehova ufungile kuDavide ngeqiniso, akabuyi kukho, ethi: “Owenzalo yomzimba wakho ngiyakumbeka esihlalweni sakho sobukhosi.


USamuweli wathi kuye: “UJehova uklebhulile umbuso ka-Israyeli kuwe namuhla, uwunikile umngane wakho omuhle kunawe.


Kepha manje umbuso wakho awuyikuqhubeka; uJehova usezifunele umuntu ngokwenhliziyo yakhe; uJehova ummisile abe ngumholi wabantu bakhe, ngokuba ungagcinanga lokho uJehova akuyala ngakho.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite