Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 7:34 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Ngikubonile nokukubona ukuhlushwa kwesizwe sami esiseGibithe, ngizwile ukububula kwaso; sengehlile ukuba ngibakhiphe. Woza kalokhu, ngizakukuthumela eGibithe.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

34 Ngibonile nokukubona ukuhlushwa kwesizwe sami esiseGibhithe, ngizwile ukububula kwaso; sengehlile ukuba ngibakhiphe. Woza khona manje, ukuze ngikuthumele eGibhithe.’

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

34 Ngikubonile, ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngizwile ukububula kwabo, futhi ngehlile ukuba ngibakhulule. Manje woza, ngizokuthuma eGibhithe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Ngikubonile, ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngizwile ukububula kwabo, futhi ngehlile ukuba ngibakhulule. Manje woza, ngizokuthuma eGibhithe.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 7:34
21 Referans Kwoze  

Nokho wanaka ukuhlupheka kwabo, esezwile ukukhala kwabo.


Ngokuba ngehle ezulwini kungengukuba ngenze intando yami, kodwa ukuba ngenze intando yongithumileyo.


“Wabona ukuhlupheka kwawobaba eGibithe, wezwa ukukhala kwabo ngaseLwandle Olubomvu;


Abantu bakholwa-ke. Sebezwile ukuthi uJehova ubahambele abantwana bakwa-Israyeli, nokuthi ukubonile ukuhlupheka kwabo, base bekhothama, bakhuleka.


UNkulunkulu wathi kuMose: “Nginguye enginguye.” Wathi: “Uzakusho njalo kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘UNgikhona* ungithumile.’ ”


Akakho owenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu.


Nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihlenga endlini yezigqila, ngathuma phambi kwenu oMose, no-Aroni, noMiriyamu.


UJehova wakhuphula u-Israyeli eGibithe ngomprofethi, wagcinwa ngomprofethi.


Sengathi ungadabula amazulu, wehle, zizamazame izintaba phambi kwakho


Thobisa amazulu akho, Jehova, wehle; thinta izintaba, zithunqe.


Wathuma uMose inceku yakhe, u-Aroni abemkhethile.


Lapho uJehova ebavusela abahluleli, uJehova wayenaye umahluleli, wabasindisa esandleni sezitha zabo izinsuku zonke zomahluleli, ngokuba uJehova waba nesihe ngokubulawa kwabo ngenxa yababacindezelayo nababakhathazayo.


Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona, ngithathe okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo; ayakuthwala umthwalo wabantu kanye nawe, ukuze ungawuthwali wedwa.


Ngalokho ngiyakwehla, ngibone ukuba benzile impela konke njengokwesikhalo esesifikile kimi; uma kungenjalo, ngiyakukwazi.”


Wozani sehle, siye ukusanganisa ulimi lwabo ukuba bangezwani, kube yilowo nalowo ulimi lomunye.”


UJehova wehla ukuba abone umuzi nombhoshongo okwakhiwa ngabantwana babantu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite