Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 6:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 kepha babengenamandla okumelana nokuhlakanipha noMoya ayekhuluma ngakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Kepha abakwazanga ukumelana nokuhlakanipha noMoya ayekhuluma ngakho.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Kodwa babengelakho ukumelana lokuhlakanipha loMoya ayekhuluma ngaye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kodwa babengelakho ukumelana lokuhlakanipha loMoya ayekhuluma ngaye.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 6:10
18 Referans Kwoze  

ngokuba mina ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha abangemelane nakho, bakuphike, bonke abayimpi kini.


nokukhuluma kwami nokushumayela kwami akubanga ngamazwi okuhlakanipha ahungayo, kepha kwaba ngesibonakaliso sikaMoya nesamandla,


Izikhonzi zaphendula zathi: “Akuzange kukhulume muntu njengokuba kukhuluma lowo muntu.”


Nokho kukhona umoya kumuntu; ukuphefumula kukaSomandla kuyabaqondisa.


Ngalokho hamba; ngizakuba nomlomo wakho, ngikufundise lokho ozakukukhuluma.”


Uyakuhamba ngaphambi kwayo emoyeni nasemandleni ka-Eliya ukuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana nabangalaleliyo ekuqondeni kwabalungileyo, ukulungisela iNkosi isizwe esilungiselweyo.”


“Nina bantamo zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele; njengoyihlo ninjalo nani.


Kepha lapho ngikhuluma nawe, ngiyakuwuvula umlomo wakho, wena uthi kubo: ‘Isho njalo iNkosi uJehova.’ Ozwayo makezwe, onganakiyo kayeke, ngokuba bayindlu ehlubukayo.


Ngokuba ngigcwele amazwi; umoya phakathi kwami uyangiqhubezela.


kepha uma kuvela kuNkulunkulu, aniyikuba namandla okubachitha, funa mhlawumbe nifunyanwe ningabalwayo noNkulunkulu.” Bamvumela-ke.


Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehova ngokulunga nangobuqhawe ukuba ngimtshele uJakobe iziphambeko zakhe, u-Israyeli izono zakhe.


Ngiyakukwenza ukuba ube lugange lwethusi oluqinileyo kulaba bantu; bayakulwa nawe, kepha abayikukwahlula, ngokuba mina nginawe ukukusindisa nokukophula,” usho uJehova.


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela, nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa; lokhu kuyifa lezinceku zikaJehova nokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova.


Kwase kusuka abanye besinagoge* elithiwa elabaLibertino, nabaseKhurene, nabase-Aleksandriya, nabavela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefanu;


Khona bathenga amadoda athi: “Simzwile ekhuluma amazwi enhlamba ngoMose nangoNkulunkulu,”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite