Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 5:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kepha uPetru wathi kuye: “Kungani ukuba nivumelene ngokulinga uMoya weNkosi na? Bheka, izinyawo zabambele indoda yakho zisemnyango, nawe bazakukukhiphela phandle.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Kepha uPhethro wathi kuye: “Kungani nivumelene ngokulinga uMoya weNkosi na? Uyabona-ke, izinyawo zabangcwabe umyeni wakho zisemnyango, nawe-ke bazakukukhiphela phandle.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 UPetru wayesethi kuye: “Kungani ukuba nivumelane ukulinga uMoya weNkosi na? bheka, izinyawo zabambele indoda yakho zisemnyango, nawe bayakukukhiphela phandle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UPetru wayesethi kuye: “Kungani ukuba nivumelane ukulinga uMoya weNkosi na? bheka, izinyawo zabambele indoda yakho zisemnyango, nawe bayakukukhiphela phandle.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 5:9
24 Referans Kwoze  

Futhi asingayilingi iNkosi njengabanye kubo bayilinga, babhujiswa yizinyoka.


Nokho bamlinga, baphambana noNkulunkulu oPhezukonke, abaze bagcina imiyalo yakhe.


Kepha siyazi ukuthi lokhu okushoyo umthetho ukukhuluma kubo abasemthethweni ukuba yonke imilomo ivinjwe, izwe lonke libe necala kuNkulunkulu,


Manje-ke nimlingelani uNkulunkulu ngokubeka ijoka entanyeni yabafundi, obaba nathi esasingenamandla okulithwala na?


Wambiza, wathi kuye: ‘Kuyini lokhu engikuzwa ngawe na? Landa ngobuphathi bakho, ngokuba ungebe usaba ngumphathi.’


UJesu wathi kuye: “Kulotshiwe futhi ukuthi: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ”


Izandla zabo ziphezu kokubi ukukuthuthukisa; isikhulu sinesicelo, umahluleli ubheka umvuzo; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; bayakwalukanisa.


Bonke abazidlayo ngenhliziyo bayisinengiso kuJehova; impela abayikuyekwa.


Impela omubi akayekwa, kepha inzalo yabalungileyo iyakhululwa.


Uma ubona isela, uvumelana nalo; neziphingi uhlanganyela nazo.


Yayisithuma umuntu phambi kwayo, u-Elisha esahlezi endlini yakhe, namalunga ehlezi naye; kepha, singakafiki kuye isithunywa, wathi emalungeni: “Niyabona yini ukuthi le ndodana yombulali ithumele ukunquma ikhanda lami na? Bhekani, ekufikeni kwesithunywa manivale isivalo, nisibuyisele emuva isithunywa ngesivalo; angithi izigqi zezinyawo zenkosi yaso zisemva kwaso na?”


lokhu bonke labo bantu ababone inkazimulo yami nezibonakaliso zami engazenza eGibithe nasehlane bengilingile kayishumi, abalalela izwi lami,


Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iMasa* neMeriba* ngenxa yokuphikisana kwabantwana bakwa-Israyeli, nangokuba bemlinga uJehova, bethi: “Ukhona yini uJehova phakathi kwethu noma qha?”


Ngalokho abantu baphikisana noMose, bathi: “Siphe amanzi, siphuze.” UMose wathi kubo: “Yini ukuba niphikisane nami na? Nimlingelani uJehova na?”


Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? Njengokulotshiweyo ukuthi: “Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela izindaba ezinhle.”


Izinsizwa zasuka, zamsongelezela, zamkhiphela phandle, zammbela.


Kwathi mhla uNkulunkulu engiphumisa endlini kababa, ngathi kuye: ‘Yilo umusa ozakungenzela wona: ezindaweni zonke esiyakufika kuzo, yisho ngami ukuthi: “Ungumnewethu.” ’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite