Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 5:41 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 Khona basuka phambi komphakathi bethokoza, ngokuba bebefanele ukudunyazwa ngenxa yalelo gama;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

41 Ngakho-ke basuka phambi komkhandlu bethokoza, ngokuba betholakale bekufanele ukuthelwa ngehlazo ngenxa yalelo gama.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

41 Base bemuka ebusweni bomphakathi bethokoza, ngokuba kwakuthiwe bafanele ukudunyazwa ngenxa yegama lakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

41 Base bemuka ebusweni bomphakathi bethokoza, ngokuba kwakuthiwe bafanele ukudunyazwa ngenxa yegama lakhe.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 5:41
18 Referans Kwoze  

Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kungukuthokoza kodwa,


Nibusisiwe, nxa abantu benizonda nanxa benicwasa, benithuka, belilahla igama lenu ngokungathi libi ngenxa yeNdodana yomuntu.


Ngokuba ngenxa kaKristu nina nabelwa ngomusa, angisho ukukholwa kuye kuphela kepha nokuhlupheka ngenxa yakhe,


Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.


Ngakho ngenamile ebuthakathakeni, nasekuphathweni kabi, nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezekeni ngenxa kaKristu, ngokuba uma ngibuthakathaka, yikhona nginamandla.


sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.


Yizwani izwi likaJehova nina enithuthumela ngezwi lakhe. “Abafowenu abanizondayo, abanixosha ngenxa yegama lami, bashilo bathi: ‘Makazidumise uJehova ukuba sibone intokozo yenu,’ kepha bona bayakujabha.


Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga nangezinhlupheko ngokwazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukukhuthazela,


Ngokuba nazwelana nababoshiweyo, navuma ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla enhle kunaleyo, nemiyo njalo.


bhekani, izinceku zami ziyakujabula ngokwenama kwenhliziyo, kepha nina niyakuklewula ngokwaphuka komoya, nikhale ngobuhlungu benhliziyo.


Ngiyathokoza nokuthokoza ngoJehova, umphefumulo wami wenama ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathisile izingubo zensindiso, wangisibekela ngesambatho sokulunga, njengomyeni efaka iqhele ngokompristi, nanjengomakoti ezihlobisa ngezimvunulo zakhe.


“Ngilaleleni nina enazi ukulunga, abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; ningesabi ukusolwa ngabantu, ningapheli amandla ngezithuko zabo.


Kwathi sebezwile, bangena ethempelini ekuthatheni kokusa, bafundisa. Kepha kwafika umpristi omkhulu nababe naye, babizela ndawonye umphakathi nezigele zonke zabantwana bakwa-Israyeli, bathumela endlini yeziboshwa ukuba balethwe.


Khona uPawulu waphendula wathi: “Nenzelani ukukhala nichoboza inhliziyo yami na? Ngokuba sengilungele, kungesikho ukuboshwa kuphela kepha nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.”


ngokuba ngenxa yeGama baphuma bengathathi lutho kwabezizwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite