Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 5:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Khona yaphuma induna kanye nezikhonzi, zabaletha, kungengampoqo, ngokuba bebesaba abantu, funa bakhandwe ngamatshe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 Yaphuma-ke induna kanye nezikhonzi, zabaletha, hhayi ngempoqo, ngokuba babesaba abantu, funa bakhandwe ngamatshe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

26 Khona yahamba induna nezikhonzi, zabaletha kungengamandla, ngokuba besesaba abantu, funa bakhandwe ngamatshe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Khona yahamba induna nezikhonzi, zabaletha kungengamandla, ngokuba besesaba abantu, funa bakhandwe ngamatshe.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 5:26
13 Referans Kwoze  

Kepha kwabanye akwabakho owayenesibindi sokuzihlanganisa nabo, kepha abantu babebazisa kakhulu;


Khona sebebalayile futhi babayeka, bengafumananga ukuthi bangabajezisa kanjani ngenxa yabantu, ngokuba bonke bedumisa uNkulunkulu ngalokho okwenzekileyo;


Kwathi ukuba induna yethempeli nabapristi abakhulu bezwe lawo mazwi, basambatheka ngawo ngokuthi kungaba yini lokho na?


Abapristi abakhulu nababhali bafuna ukuba bangambulala kanjani; ngokuba babesaba abantu.


Ababhali nabapristi bafuna ukumbamba khona lapho, kepha besaba abantu, ngokuba bazi ukuthi uwukhulumile lo mfanekiso ngabo.


Kepha uma sithi: ‘Kubantu,’ abantu bonke bazakusikhanda ngamatshe, ngokuba bakholiwe ukuthi uJohane ungumprofethi.”


Kepha bathi: “Makungabi ngomkhosi, funa kube khona isiyaluyalu esizweni.”


Kepha uma sithi: ‘Kubantu,’ siyasesaba isixuku; ngokuba bonke bathi uJohane ungumprofethi.”


Kuthe efuna ukumbulala, wesaba abantu, ngokuba bathi ungumprofethi.


Kepha uPetru wamlandela ekude kwaze kwaba segcekeni lompristi omkhulu; wangena phakathi, wahlala phansi nezikhonzi ukuba abone isigcino.


Wasuka wakhuluma nabapristi abakhulu nezinduna ngokuthi angamkhaphela kanjani kubo.


Kepha izikhonzi ezafika khona azibafumananga etilongweni; zase zibuyela emuva, zabika


Kepha kwafika omunye, wababikela wathi: “Bhekani, amadoda ebeniwafakile etilongweni emi ethempelini, afundisa abantu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite