Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 5:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 “Hambani, nime nikhulume ethempelini kubantu amazwi onke alokhu kuPhila.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 “Hambani, niye ethempelini, nikhulume kubantu bonke amazwi alokhu kuPhila.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Hambani, nime nikhulume ethempelini kubantu amazwi onke alokhu kuphila.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Hambani, nime nikhulume ethempelini kubantu amazwi onke alokhu kuphila.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 5:20
21 Referans Kwoze  

NguMoya ophilisayo, inyama ayisizi lutho; amazwi engiwakhulume kini angumoya, angukuphila.


USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? Amazwi okuphila okuphakade akuwe.


Kuthe engena ethempelini, kweza kuye abapristi abakhulu namalunga esizwe, esafundisa, bathi: “Ukwenza lokhu ngagunya lini na? Futhi ngubani okunike leli gunya na?”


ozakukhuluma kuwe amazwi ozakusindiswa ngawo, wena nendlu yakho yonke.’


UJesu wamphendula wathi: “Ngikhulumile obala ezweni. Ngezikhathi zonke bengifundisa esinagogeni* nasethempelini, lapho abaJuda bonke bebuthana khona, angikhulumanga lutho ngasese.


Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.


Ngiyazi ukuthi umyalo wakhe ungukuphila okuphakade. Ngakho-ke lokho engikukhulumayo ngikukhuluma njengalokho uBaba angitshela khona.”


UBaruki wayesefunda encwadini amazwi kaJeremiya endlini kaJehova ekamelweni likaGemariya indodana kaShafani umbhali egcekeni lasenhla ngasesikhaleni sesango elisha lendlu kaJehova ezindlebeni zabantu bonke.


“Usho kanje uJehova, uthi: Yima egcekeni lendlu kaJehova, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda efika ukukhuleka endlini kaJehova onke amazwi engikuyala ukuwakhuluma kubo, ungagodli zwi.


“Yima esangweni lendlu kaJehova, umemeze lapho leli zwi, uthi: “ ‘Zwanini izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda eningena ngalawa masango ukukhuleka kuJehova.


“Memeza ngezwi elikhulu, ungazibambi, uliphakamise izwi njengecilongo, utshele abantu bami iziphambeko zabo, indlu kaJakobe izono zayo.


Ngokuba amazwi ongiphe wona ngibaphile wona, bawamukela, bazi isibili ukuthi ngavela kuwe, bakholwa ukuthi wangithuma wena.


UMose weza wabatshela abantu onke amazwi kaJehova nezahlulelo zonke; abantu bonke baphendula ngazwi linye, bathi: “Onke amazwi uJehova awakhulumileyo siyakuwenza.”


“Wena-ke, ndodana yomuntu, ngikubeke umlindi kuyo indlu yakwa-Israyeli; yizwa izwi lomlomo wami, ubaxwayise, kuvela kimi.


Lokhu enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni; nalokhu enikuzwayo endlebeni, kushumayeleni phezu kwezindlu.


“Madoda, bazalwane, madodana ohlanga luka-Abrahama, nabaphakathi kwenu abamesabayo uNkulunkulu, izwi lale nsindiso lithunyelwe kithi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite