Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 3:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 “Kalokhu, bazalwane, ngiyazi ukuthi nenza lokho ngokungazi njengabo ababusi benu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 “Manje, bazalwane, ngiyazi ukuthi nakwenza lokho ngokungazi njengababusi benu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Manje, bazalwane, ngiyazi ukuthi nenze ngokungazi njengababusi benu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Manje, bazalwane, ngiyazi ukuthi nenze ngokungazi njengababusi benu.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 3:17
23 Referans Kwoze  

Kepha uJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana izingubo zakhe, benzelana inkatho.


Ngokuba abakhileyo eJerusalema nababusi babo abamazanga yena, namazwi abaprofethi afundwa amasabatha ngamasabatha bawagcwalisa ngokumlahla;


okungaziwa namunye wababusi balesi sikhathi; ngokuba uma bebekwazi, babengayikuyibethela esiphambanweni iNkosi yenkazimulo;


Lokhu-ke bayakukwenza ngokuba bengamazanga uBaba nami;


noma kade ngingohlambalazayo, nozingelayo, nohluphayo; kodwa ngahawukelwa ngokuba ngakwenza ngokungazi, ngokungakholwa.


Kodwa ingqondo yabo yaba lukhuni. Ngokuba kuze kube sosukwini lwanamuhla, nxa kufundwa isivumelwano esidala, leyo ndwangu isahlezi ingambuliwe, ngokuba iyapheliswa kuKristu;


UNkulunkulu akasilahlanga isizwe sakhe ayesazi ngaphambili. Kumbe anazi yini ukuthi umbhalo uthini ngo-Eliya ukuba umangalela u-Israyeli kuNkulunkulu ngokuthi:


“Kepha mina ngokwami ngangithi ngifanele ukwenza okuningi okuphambene negama likaJesu waseNazaretha;


bathi ku-Aroni: ‘Senzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu; ngokuba uMose lowo owasikhipha ezweni laseGibithe, asazi ukuba wehlelwe yini.’


Baphendula, bathi kuye: “Kanti nawe ungowaseGalile na? Phenyisisa, ubone ukuthi akuveli mprofethi eGalile.”


ngalokho ake uze manje, ungiqalekisele laba bantu, ngokuba bayangahlula; mhlawumbe ngingaze ngibe namandla ukuba sibanqobe, ngibaxoshe ezweni, ngokuba ngiyazi ukuthi ombusisayo ubusisiwe, nomqalekisayo uqalekisiwe.”


Abantu sebebone ukuthi uMose ulibele ukwehla entabeni, abantu babuthana ku-Aroni, bathi kuye: “Vuka usenzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu, ngokuba uMose lowo, umuntu owasikhuphula ezweni laseGibithe, asazi ukuthi wehlelwe yini.”


UJosefa wayesethi kubo: “Isenzo sini lesi enisenzileyo na? Beningazi yini ukuthi umuntu onjengami angabhula nokubhula na?”


Kepha wala, wathi kumkankosi yakhe: “Bheka, inkosi yami ayikwazi enginakho endlini, inikele konke okwayo esandleni sami;


Kepha u-Abimeleki wathi: “Angazi ukuthi kwenziwe ngubani lokhu; nawe awungitshelanga, nami angikuzwanga kuze kube namuhla.”


Kepha uma ukuphila enyameni kuyisithelo somsebenzi kimi, angisakwazi engizakukukhetha.


UPilatu wabizela ndawonye abapristi abakhulu nababusi nabantu,


Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.


njengokuba nompristi omkhulu ufakaza ngami namalunga onke; ngamukela kubo izincwadi ezilotshelwe abazalwane, ngaya eDamaseku ukuba nababe khona lapho ngibayise eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.


Base bethi kuye: “Thina asamukelanga ncwadi ngawe evela eJudiya, akufikanga namuntu wabazalwane ukubika nokukhuluma utho olubi ngawe.


behlwelwe emqondweni, behlukanisiwe nokuphila kukaNkulunkulu ngokungazi okukubo ngenxa yobulukhuni benhliziyo yabo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite