Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 3:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 kepha nina namphika oNgcwele noLungileyo, nacela ukuba niphiwe ongumbulali,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Kodwa nina namphika oNgcwele noLungileyo, nacela ukuba nikhululelwe umbulali,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Kepha naphika oNgcwele noLungileyo, nacela ukuba niphiwe umbulali;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kepha naphika oNgcwele noLungileyo, nacela ukuba niphiwe umbulali;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 3:14
22 Referans Kwoze  

wathi: “Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani – ungoNgcwele kaNkulunkulu.”


Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? Bababulala ababememezela ngaphambili ukuza koLungileyo, eseningabakhapheli nababulali bakhe,


Ngokuba naye uKristu wahlupheka kwaba kanye ngezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuba asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni,


“Ngokuba ngempela oHerode, noPontiyu Pilatu, kanye nabezizwe, nabantu bakwa-Israyeli bayihlanganyela kulo muzi iNceku yakho engcwele uJesu owamgcobayo


Nilahlile, nabulala olungileyo; akamelani nani.


“Wayesethi: ‘UNkulunkulu wawobaba wakumisela ngaphambili ukuyazi intando yakhe, nokumbona oLungileyo, nokulizwa izwi eliphuma emlonyeni wakhe,


Thokoza kakhulu, ndodakazi yaseSiyoni; jabula nokujabula, ndodakazi yaseJerusalema; bheka, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inensindiso, ithobekile, ikhwele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.


“Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi: “Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu, novalayo kungavuli muntu, uthi:


Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuba ningoni. Kepha uma umuntu ona, sinoMmeli kuYise, uJesu Kristu olungileyo;


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


Ngokuba awuyikushiya umphefumulo wami eHayidese,* futhi awuyikuvuma oNgcwele wakho abone ukubola.


Wayesemkhulula owayefakwe etilongweni ngenxa yesiyaluyalu nokubulala, ababemcela, kepha wamnikela uJesu kubo njengokuthanda kwabo.


Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke okungcwele okuzozalwa kuzakuthiwa iNdodana kaNkulunkulu.


Kepha abapristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba okungcono asikhululele uBaraba.


Kwakukhona-ke omunye, nguBaraba igama lakhe, owayeboshiwe kanye namahlubuka; wona ayebulele umuntu ekuhlubukeni.


Ngokuba awuyikunikela umphefumulo wami endaweni yabafileyo; awuyikuvuma ukuba ongcwele wakho abone ukubola.


Kepha abapristi abakhulu namalunga bancenga izixuku ukuba zicele uBaraba, zimbulale uJesu.


ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona;


Khona babuye bamemeza bonke, bathi: “Qha lona, kodwa uBaraba.” Kepha uBaraba wayengumphangi.


wathi: “Saniyala nokuniyala ukuba ningafundisi ngalelo gama; bhekani, senigcwalise iJerusalema ngesifundiso senu, nihlose ukwehlisela igazi lalowo muntu phezu kwethu.”


nakuba bengafumananga icala lokufa kuye, nokho bacela kuPilatu ukuba abulawe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite