Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 3:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Kepha base bemazi ukuba nguyena owayehlalela ukuphiwa ngaseMnyango Omuhle wethempeli, behlelwa ngukwesaba nokumangala ngokwenzakele kuye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Kepha bayibona ukuthi iyona le ebihlala ngaseMnyango Omuhle wethempeli, inqiba, bagcwala ukumangala nokwesaba ngokwakwenzeke kuyo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Base bemazi ukuthi nguye owayehlalela isipho ngaseSangweni Elihle lethempeli; bagcwala ukumangala nokumangala ngalokho okwakwenzakele kuye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Base bemazi ukuthi nguye owayehlalela isipho ngaseSangweni Elihle lethempeli; bagcwala ukumangala nokumangala ngalokho okwakwenzakele kuye.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 3:10
12 Referans Kwoze  

Kwase kulethwa indoda ethile eyisishosha kwasesiswini sikanina, ababeyibeka imihla ngemihla ngasemnyango wethempeli othiwa Omuhle ukuba icele ukwabelwa izipho kwabangenayo ethempelini.


UJesu waphendula wathi: “Akonanga noma yena noma abazali bakhe, kodwa ukuze kubonakaliswe kuye imisebenzi kaNkulunkulu.


Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana, uyikhombisa konke akwenzayo yena; woyikhombisa imisebenzi emikhulu kunalena ukuba nimangale.


Bethuka bonke ngamandla amakhulu kaNkulunkulu. Besamangele bonke ngakho konke akwenzileyo, wathi kubafundi bakhe:


Bonke bamangala, basambatheka, bathi omunye komunye: “Kuthini lokhu na?”


Bethuka, bamangala bathi: “Bheka, bonke laba abakhulumayo abasibo abaseGalile na?


Behlelwa ngukwesaba bonke, bakhuluma bodwa, bathi: “Yizwi lini leli lokuba ayale omoya abangcolileyo ngegunya nangamandla, baphume?”


Athi ukumazi amadoda aleyo ndawo, athuma izigijimi kulo lonke izwe langakhona; baletha kuye bonke abagulayo.


Ngakho abakhelene nayo nababeyibonile phambili iyisinxibi bathi: “Akusiye lo owayehlezi enxiba na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite