Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 3:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UPetru noJohane bakhuphukela ethempelini ngehora lokukhuleka, elesishiyagalolunye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 UPhethro noJohane bakhuphukela ethempelini ngehora lesishiyagalolunye elingelokukhuleka.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Kepha oPetru noJohane benyukela kanyekanye ethempelini ngehora lokukhuleka eliyihora lesishiyagalolunye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kepha oPetru noJohane benyukela kanyekanye ethempelini ngehora lokukhuleka eliyihora lesishiyagalolunye.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 3:1
27 Referans Kwoze  

Kusihlwa nasekuseni nasemini ngizakuzikhalela, ngibubule, abeselizwa izwi lami.


Wabona ngokusobala embonweni ingelosi kaNkulunkulu ingena kuye kungathi ngehora lesishiyagalolunye lemini, ithi: “Korneliyu!”


Kwathi bebona isibindi sikaPetru noJohane, beqonda ukuthi bangabantu abangafundile, bayimifunda nje, bamangala; babazi ukuthi kade benoJesu;


Isixuku sonke sabantu sasikhuleka ngaphandle ngesikhathi sempepho.


Kepha kwafika omunye, wababikela wathi: “Bhekani, amadoda ebeniwafakile etilongweni emi ethempelini, afundisa abantu.”


Babekhona ethempelini njalo bemdumisa uNkulunkulu.


Kwathi ukuba abaphostoli baseJerusalema bezwe ukuthi iSamariya lilamukele izwi likaNkulunkulu, bathumela kubo oPetru noJohane;


UDaniyeli esekwazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe amafasitele ekamelo lakhe ayevulekile ebhekisa eJerusalema waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho enzile kuqala.


Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo,


Khona lowo mfundi uJesu amthandayo wathi kuPetru: “YiNkosi.” USimoni Petru, ekuzwa ukuthi yiNkosi, wagqoka, ngokuba wayehamba ze, waziphonsa elwandle.


Wathuma oPetru noJohane, wathi: “Hambani niye ukusilungisela iphasika ukuba sidle.”


Wathatha uPetru namadodana amabili kaZebedewu, waqala ukuba nomunyu nosizi.


Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru, noJakobe, noJohane umfowabo, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa.


yebo, ngisakhuluma ngomkhuleko, lowo muntu uGabriyeli engambona embonweni kuqala, endiziswa ngokushesha, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.


UKorneliyu wathi: “Ngezinsuku ezine ezidlule ngaleli hora bengenza umkhuleko wehora lesishiyagalolunye endlini yami; bheka, indoda eyembethe ingubo ekhazimulayo yema phambi kwami,


Kwathi ngesikhathi sokunikela ngomnikelo wempuphu u-Eliya umprofethi wasondela, wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka noka-Israyeli, makwazeke namuhla ukuthi wena unguNkulunkulu kwa-Israyeli, nokuthi mina ngiyinceku yakho, nokuthi ngenzile konke lokhu ngezwi lakho.


Elinye iwundlu wonikela ngalo ekuseni, elinye iwundlu wonikela ngalo kusihlwa.


bathi ukubona umusa engiwuphiweyo, oJakobe noKhefase noJohane, ababaziswa ngokuthi bayizinsika, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana ukuba thina siye kwabezizwe, kepha bona baye kwabasokayo,


Enye imvu uyakunikela ngayo ekuseni, enye imvu unikele ngayo kusihlwa,


Kepha kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.


“Abantu ababili benyukela ethempelini beya kukhuleka, omunye engumFarisi, omunye engumthelisi.


Kwathi ukuba abone oPetru noJohane bezakungena ethempelini, wacela ukwabelwa isipho.


Kepha uPetru wamgqolozela kanye noJohane, wathi: “Sibheke!”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite