Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 28:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Abantu bakhona sebebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Ngempela lo muntu ungumbulali othi noma esindile elwandle ukuLunga akuvumi ukuba aphile.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Lapho abantu bendawo bebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Impela lo muntu ungumbulali, kuthi noma esesinde olwandle, kodwa ukuLunga kungavumi ukuba aphile.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Abezizwe sebebona isilo esinesihlungu silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Ngokuqinisekile lo muntu ungumbulali, okuthi noma esindile olwandle ukuphindisela akuvumi ukuba aphile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Abezizwe sebebona isilo esinesihlungu silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Ngokuqinisekile lo muntu ungumbulali, okuthi noma esindile olwandle ukuphindisela akuvumi ukuba aphile.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 28:4
20 Referans Kwoze  

Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babe namacala kunabantu bonke abakhileyo eJerusalema na?


Waphendula, wathi kubo: “Nithi labo baseGalile babe yizoni kunabo bonke abaseGalile, ngokuba behlelwa yilokho, na?


Kodwa yena wasinikinela isilwane emlilweni, akaze alimala.


Abantu bakhona basiphatha ngobubele obungavamile, ngokuba babebasa umlilo, basamukela sonke ngenxa yemvula eyayisina nangenxa yamakhaza.


Ningahluleli ngokwamehlo, kepha yahlulelani ukwahlulela okulungileyo.”


ukuba kufike phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo kuze kube segazini likaZakariya indodana kaBarakiya enambulala phakathi kwethempeli ne-altare.


Izilwane zasendle ziyakungidumisa, amakhanka nezintshe, ngokuba ngiveza amanzi ehlane nemifula kwahlongasibi ukuphuzisa abantu bami abakhethiweyo,


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”


Abantu bonke base bephendula bethi: “Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.”


Yiwo umuzi owajabula wahlala ulondekile, owathi enhliziyweni yawo: Mina ngikhona, akakho omunye; yeka ukuphenduka kwawo incithakalo nendawo yokubuthisa kwezilwane! Bonke abadlula kuwo bayakuncimfa, banikine isandla sabo.


Ngokuba bhekani, uJehova uyaphuma endaweni yakhe ukuba ahambele ububi babakhileyo emhlabeni; umhlaba uyakubonakalisa igazi lawo, ungabe usabasibekela ababuleweyo babo.


Umuntu osindwa yigazi lomunye uyakubalekela egodini; makangasizwa muntu.


Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle abezenzile uJehova uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ngempela uNkulunkulu ushilo yini ukuthi: ‘Ningadli emithini yasensimini,’ na?”


Kepha uPawulu ecakashile ixha lezinsaba, elibeka emlilweni, kwaphuma inyoka ngenxa yokushisa, yanamathela esandleni sakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite