Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 28:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kepha uPawulu ecakashile ixha lezinsaba, elibeka emlilweni, kwaphuma inyoka ngenxa yokushisa, yanamathela esandleni sakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 UPawula esethezile isixha sezinswani, wasifaka emlilweni, kwathi ngenxa yokushisa kwaphuma inyoka, yazithandela esandleni sakhe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 UPawuli etheza inyanda lezinkuni, walibeka emlilweni, kwaphuma inyoka ngenxa yokushisa, yanamathela esandleni sakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UPawuli etheza inyanda lezinkuni, walibeka emlilweni, kwaphuma inyoka ngenxa yokushisa, yanamathela esandleni sakhe.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 28:3
13 Referans Kwoze  

“Zinyoka, nzalo yamabululu, niyakukubalekela kanjani ukulahlwa kwasesihogweni na?


Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.


Bayizikhonzi zikaKristu na? Ngikhulumisa okohlanya – ngiyiso kakhulu kunabo; ekukhandlekeni kakhulu kunabo, nasekuboshweni kaningi kunabo, nasekushayweni okukhulu impela, nasezingozini zokufa ngezikhathi eziningi.


Abantu bakhona sebebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Ngempela lo muntu ungumbulali othi noma esindile elwandle ukuLunga akuvumi ukuba aphile.”


njengabangaziwayo kanti saziwa kakhulu, njengabafayo kanti bheka, siyaphila, njengabalaywayo kanti asibulawa,


Kepha kwathi ebona abaningi kubaFarisi nabaSadusi beza embhapathizweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na?


Bachamisela amaqanda ebululu, baluka ubulembu bolwembu; odlayo amaqanda abo uyafa, okuchotshozwayo kuqhamuka kuyibululu.


Bhekani, nivela kokungekho, nemisebenzi yenu ayiyinto yalutho; uyisinengiso onikhethileyo.


Isiprofetho ngezilwane zaseNingizimu. Badabula izwe losizi nelokuhlupheka, lapha kuvela khona ibhubesi nebhubesikazi, ibululu nenyoka endizayo, bethwala imfuyo yabo emihlane yezimbongolo nengcebo yabo phezu kwamalunda amakamela bakuyise kubantu abangenansizakalo.


Uyakumunca isihlungu samabululu; ulimi lwenyoka luyakumbulala.


Kunjengalokhu umuntu ebalekela ingonyama, kuhlangane naye ibhere,* noma engena endlini encike ngesandla odongeni, alunywe yinyoka.


baphathe izinyoka; uma bephuza okubulalayo, akusoze kwaba nangozi; bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde.”


Abantu bakhona basiphatha ngobubele obungavamile, ngokuba babebasa umlilo, basamukela sonke ngenxa yemvula eyayisina nangenxa yamakhaza.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite