Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 28:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Base bethi kuye: “Thina asamukelanga ncwadi ngawe evela eJudiya, akufikanga namuntu wabazalwane ukubika nokukhuluma utho olubi ngawe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Base bethi kuye: “Thina akukho ncwadi evela eJudiya esiyitholile emayelana nawe, futhi akukho muntu kubazalwane ofikile ukubika noma ukukunyembenya.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Base bethi kuye: “Thina asamukelanga ncwadi ngawe evela eJudiya, futhi akufikanga namunye wabazalwane owabika noma wakhuluma utho olubi ngawe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Base bethi kuye: “Thina asamukelanga ncwadi ngawe evela eJudiya, futhi akufikanga namunye wabazalwane owabika noma wakhuluma utho olubi ngawe.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 28:21
8 Referans Kwoze  

Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela, nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa; lokhu kuyifa lezinceku zikaJehova nokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova.


Ongithethayo useduze; ngubani ongamelana nami na? Masivuke kanyekanye; ngubani omangalelana nami na? Makasondele kimi.


“Bheka, bonke abafuthekela wena bayakuba namahloni, bajabhe; abamelene nawe bayakuba njengento engelutho, babhubhe.


njengokuba nompristi omkhulu ufakaza ngami namalunga onke; ngamukela kubo izincwadi ezilotshelwe abazalwane, ngaya eDamaseku ukuba nababe khona lapho ngibayise eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.


Kepha kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli akuyikubakho nanja eyakugwavumela umuntu nenkomo,’ ukuze nazi ukuthi uJehova uyahlukanisa iGibithe no-Israyeli.


“Kalokhu, bazalwane, ngiyazi ukuthi nenza lokho ngokungazi njengabo ababusi benu.


Safumana khona abazalwane, sancengwa ukuba sihlale nabo izinsuku eziyisikhombisa; kanjalo safika eRoma.


Ngokuba ngingafisa ukuba mina uqobo ngibe ngoqalekisiweyo kuKristu ngenxa yabazalwane bami abangabakithi ngokwenyama;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite