Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 28:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Abazalwane sebezwile ngathi basuka khona, beza ukusihlangabeza baze bafika e-Aphiyo Foru naseTresi Thaberne; uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Kuthe abazalwane sebezwile ngathi basuka khona, beza kithi bezosihlangabeza, baze bafika e-Aphiyo Foru naseThresi Thaberne. Kwathi ebabona uPawula, wabonga uNkulunkulu, wama isibindi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Kuthe besuka lapho, abazalwane sebezwile ngathi, beza ukusihlangabeza baze bafika esikhungweni sika-Aphiyi naseTresi Thaberne, uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kuthe besuka lapho, abazalwane sebezwile ngathi, beza ukusihlangabeza baze bafika esikhungweni sika-Aphiyi naseTresi Thaberne, uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 28:15
22 Referans Kwoze  

Bakhumbuleni ababoshiweyo kungathi niboshiwe kanye nabo, nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisemzimbeni.


ngiyakuza nxa ngiya eSpaniya; ngokuba ngiyethemba ukuthi ekudluleni kwami ngizakunibona, ngikhashwe yinina, nxa ngiya khona, uma sengike nganeliswa yinina;


nokulingwa kwenu ngenyama yami anikudelelanga, aninengwanga yikho, kodwa nangamukela ngokungathi ngiyingelosi kaNkulunkulu, ngokungathi nginguKristu Jesu.


Kwathi sesiqedile lezo zinsuku, saphuma sahamba; bonke basiphelekezela kanye nawomkabo nabantwana, kwaze kwaba ngaphandle komuzi; saguqa ngamadolo ogwini, sakhuleka,


Kwathi ukuba angene uPetru, uKorneliyu wamhlangabeza, wawa phansi ngasezinyaweni zakhe, wakhuleka.


bathatha amahlamvu esundu, baphuma ukumhlangabeza. Bamemeza bathi: “Hosiyana! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi, yebo, iNkosi ka-Israyeli.”


Lindela uJehova, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi; yebo, lindela uJehova.


UDavide wayehlupheka kakhulu, ngokuba abantu bekhuluma ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, kwaba yilowo nalowo ngenxa yamadodana akhe namadodakazi akhe; kepha uDavide waziqinisa kuJehova uNkulunkulu wakhe.


Angikuyalile na? Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.”


Intukuthelo kaJehova yamvuthela uMose; wathi: “Akakho umfowenu u-Aroni, umLevi, na? Ngiyazi ukuthi ukhuluma kahle yena. Futhi bheka, uyaphuma ukukuhlangabeza; nalapho ekubona, uyakuthokoza enhliziyweni yakhe.


ngalokho, bazalwane, saduduzeka ngani ngokukholwa kwenu ekusweleni nasosizini lwethu lonke,


Kodwa makabongwe uNkulunkulu osihola njalo odwendweni lokunqoba kuKristu nobonakalisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke;


Ngaleyo mihla uPetru wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasikhona ndawonye kwakungathi ikhulu namashumi amabili, wathi:


Wayesebabiza, wabangenisa. Ngangomuso wasuka wahamba nabo, abathile babazalwane baseJopha bamphelekezela.


Kepha abaphostoli nabazalwane abaseJudiya bezwa ukuthi nabezizwe balamukele izwi likaNkulunkulu.


UMoya wayesethi kimi angihambe nabo ngingangabazi ngalutho. Bangiphelekezela labo bazalwane abayisithupha, saya sangena endlini yaleyo ndoda.


Wayesebaqhweba ngesandla ukuba bathule, wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani etilongweni, wathi: “Bikelani uJakobe nabazalwane lokhu.” Wayesephuma, waya kwenye indawo.


Safumana khona abazalwane, sancengwa ukuba sihlale nabo izinsuku eziyisikhombisa; kanjalo safika eRoma.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite