Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 28:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Safumana khona abazalwane, sancengwa ukuba sihlale nabo izinsuku eziyisikhombisa; kanjalo safika eRoma.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Safumana khona abazalwane, basimema ukuba sihlale nabo izinsuku eziyisikhombisa; emveni kwalokho safika eRoma.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 lapho sathola abazalwane, sancengwa ukuthi sihlale labo insuku eziyisikhombisa; ngokunjalo saya eRoma.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 lapho sathola abazalwane, sancengwa ukuthi sihlale labo insuku eziyisikhombisa; ngokunjalo saya eRoma.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 28:14
17 Referans Kwoze  

Safumana abafundi, sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa; bona bathi ngoMoya kuPawulu, angalubeki unyawo eJerusalema.


Kepha thina samuka ngomkhumbi eFilipi emva kwezinsuku zezinkwa ezingenamvubelo, safika kubo eTrowa ngezinsuku eziyisihlanu, sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa.


Kwathi u-Apholo eseKorinte, uPawulu wafika e-Efesu esedabulile amazwe angasenhla, wafumana abafundi abathile,


Ngokuba emva kwezinsuku eziyisikhombisa ngiyakunisa imvula emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, ngichithe ebusweni bomhlaba konke okuphilayo engikwenzileyo.”


Ngakho-ke leli zwi laphumela kubazalwane lokuthi lowo mfundi akayikufa. Kanti uJesu akashongo ukuthi akayikufa kodwa ukuthi: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na?”


“Nakumuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo, cingani ofaneleyo kuwo, nihlale khona, nize nimuke.


Ngingumngane wabo bonke abakwesabayo, abagcina iziyalezo zakho.


Ngaleyo mihla uPetru wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasikhona ndawonye kwakungathi ikhulu namashumi amabili, wathi:


Funani-ke phakathi kwenu bazalwane amadoda ayisikhombisa anodumo oluhle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esingawamisela lowo msebenzi.


Abazalwane sebekwazi lokho bamehlisela eKesariya, bamthumela eTarsu.


sasuka lapho, sagwegwesa, safika eRegiyu. Sekudlule usuku lwaba lunye, kwavuka iningizimu, safika ePhutheyoli ngosuku lwesibili.


Abazalwane sebezwile ngathi basuka khona, beza ukusihlangabeza baze bafika e-Aphiyo Foru naseTresi Thaberne; uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi.


Base bethi kuye: “Thina asamukelanga ncwadi ngawe evela eJudiya, akufikanga namuntu wabazalwane ukubika nokukhuluma utho olubi ngawe.


Angithandi, bazalwane, ukuba ningazi ukuthi ngazimisela kaningi ukuza kini, kepha ngathiyeka kuze kube manje ukuba nakini ngibe nezithelo njengakwezinye izizwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite