Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 26:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kepha manje ngimi ngimangalelwe ngenxa yethemba lesithembiso asenzayo uNkulunkulu kubo obaba,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Manje ngimi ngimangalelwe ngenxa yethemba lesithembiso asenzayo uNkulunkulu kokhokho,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Kalokhu ngimi futhi ngigwetshiwe ngenxa yethemba lesithembiso uNkulunkulu asinika okhokho bethu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kalokhu ngimi futhi ngigwetshiwe ngenxa yethemba lesithembiso uNkulunkulu asinika okhokho bethu.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 26:6
59 Referans Kwoze  

nginethemba kuNkulunkulu abalibheka nabo uqobo lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile.


sibheke ithemba elibusisiweyo nokuvela kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu


Ngakho ngaleso sizathu nginibizele lapha ukuba nginibone, ngikhulume nani; ngokuba ngenxa yethemba lika-Israyeli ngiboshiwe ngaleli ketanga.”


Ngokuba ngithi uKristu waba yisikhonzi sabasokileyo ngenxa yeqiniso likaNkulunkulu, ukuze aqinise izithembiso ezaphiwa okhokho,


Kepha kwathi uPawulu azi ukuthi enye inxenye yabo ingabaSadusi nenye ingabaFarisi, wamemeza emphakathini, wathi: “Madoda, bazalwane, ngingumFarisi mina, ngiyindodana yabaFarisi; ngimangalelwa ngethemba nangokuvuka kwabafileyo.”


“Vuka, nkemba, uvukele umalusi wami, uvukele umuntu ongumngane wami,” usho uJehova Sebawoti. “Shaya umalusi, zize zihlakazeke izimvu, bese ngiphendulela abancane isandla sami.


“Kepha wena Betlehema Efratha, omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda, ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe, ozakuba ngumbusi kwa-Israyeli, okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.”


UJehova uNkulunkulu wakho uyakukuvusela umprofethi phakathi kwakho kubafowenu onjengami; nimlalele yena


Ngiyakwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu, ngiyiphe inzalo yakho onke lawa mazwe; ngenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba,


nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba, ngokuba ulalele izwi lami.”


Ngiyakubabusisa abakubusisayo, nokuqalekisayo ngiyakumqalekisa; imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa kuwe.”


kepha lapho sekufikile ukuphelela kwesikhathi, uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, izelwe ngowesifazane, izelwe phansi komthetho,


Kungani kube yinto engakholekile kini ukuthi uNkulunkulu uvusa abafileyo na?


ngaphandle kwalelo zwi elilodwa engalimemeza ngimi phakathi kwabo lokuthi: ‘Ngokuvuka kwabafileyo mina ngimangalelwa yinina namuhla.’ ”


“Yebo, nabaprofethi bonke, kusukela kuSamuweli nabalandelayo, bonke abakhulumileyo, bamemezela lezo zinsuku.


Kepha kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo; niyakuphuma, nitshekule njengamathole esibaya.


“Bhekani, ngiyathuma isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzumayo ethempelini layo; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bheka, siyeza,” usho uJehova Sebawoti.


“Ngalolo suku kuyakuba khona umthombo ovulelwa izono nokungcola kwendlu kaDavide nabakhileyo eJerusalema.


Thokoza kakhulu, ndodakazi yaseSiyoni; jabula nokujabula, ndodakazi yaseJerusalema; bheka, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inensindiso, ithobekile, ikhwele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.


usho kuye, uthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Bheka, kukhona indoda egama layo linguHlumela; uyakumila endaweni yakhe, akhe ithempeli likaJehova.


Uyakunika uJakobe ukuthembeka no-Abrahama umusa owakufungela obaba kwasezinsukwini zasendulo.


Abasindisi bayakukhuphukela entabeni yaseSiyoni ukuyakwahlulela intaba yakwa-Esawu, umbuso besewuba ngokaJehova.


Kuyakuthi bonke ababiza igama likaJehova bakhululwe, ngokuba entabeni yaseSiyoni naseJerusalema kuyakuba ngabasindileyo, njengalokho eshilo uJehova, naphakathi kwabaseleyo kube ngababizwa nguJehova.


Ngasemuva abantwana bakwa-Israyeli bayakubuya, bamfune uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, babuyele kuJehova benovalo nakukho okuhle kwakhe ngezinsuku ezizayo.


“ ‘Inceku yami uDavide iyakuba yinkosi phezu kwabo, kube ngumalusi munye kubo bonke; bayakuhamba ezahlulelweni zami, bagcine izimiso zami, bazenze.


Kuyakugumbuqelwa, kugumbuqelwe, kugumbuqelwe yimi; nalokhu akuyikuba khona, aze afike yena omfanelo ingeyakhe, ngimnike khona.’


Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.


Ngalolo suku ihlumela likaJehova liyakuba lihle, libe nenkazimulo, nezithelo zomhlaba ziyakuba nodumo nobuhle kwabaphunyukileyo bakwa-Israyeli.


“Ngiyakuhlumisa uphondo lukaDavide, ogcotshiweyo wami ngimlungisele isibani.


UJehova ufungile kuDavide ngeqiniso, akabuyi kukho, ethi: “Owenzalo yomzimba wakho ngiyakumbeka esihlalweni sakho sobukhosi.


UJehova wazisile insindiso yakhe; ukulunga kwakhe ukwambulile emehlweni abezizwe.


Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe, aze afike yena olufanele lona; nezizwe ziyakumlalela.


Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite