Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 26:29 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 UPawulu wayesethi: “Bengingafisa kuNkulunkulu ukuba, noma kukancane noma kukakhulu, kungabi wena wedwa kodwa bonke abangizwayo namuhla babe njengami, ngaphandle kwalezi zibopho.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

29 UPawula wayesethi: “Bengingafisa ukuba uNkulunkulu noma kukancane noma kukakhulu, kungabi nguwe wedwa, kodwa bonke abangizwayo namuhla babe njengami, ngaphandle kwalezi zibopho.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

29 UPawuli wasesithi: Ngithanda kuNkulunkulu ukuthi, kungabi nguwe wedwa, kodwa labo bonke abangizwayo lamuhla, kokubili ngokuseduze, nangokuphelele, babe njengami, ngaphandle kwalezizibopho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 UPawuli wasesithi: Ngithanda kuNkulunkulu ukuthi, kungabi nguwe wedwa, kodwa labo bonke abangizwayo lamuhla, kokubili ngokuseduze, nangokuphelele, babe njengami, ngaphandle kwalezizibopho.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 26:29
18 Referans Kwoze  

engiyisithunywa ngalo esiboshiwe ngamaketanga, ukuze ngikhulume ngesibindi ngalo, njengokuba kufanele ukuba ngikhulume.


okunguye esimshumayelayo, siluleka wonke umuntu, sifundisa wonke umuntu ngokuhlakanipha konke, ukuze simise wonke umuntu ephelele kuKristu,


Bazalwane, ukulangazela kwenhliziyo yami nokunxusa kwami kuNkulunkulu ngabo kungukuba basindiswe.


Khona induna yenkulungwane yasondela, yamthatha, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili, yabuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni.


Sengathi ningangibekezelela ebuwuleni obuyingcosana, yebo, ngibekezeleleni.


Nokho ngingathanda ukuba abantu bonke babe njengami; kepha yilowo nalowo unesakhe isiphiwo somusa esivela kuNkulunkulu, omunye kanje, omunye kanje.


Senize nasutha, senize naceba, senabusa ngaphandle kwethu; yebo-ke sengathi ngabe niyabusa, ukuze nathi sibuse kanye nani.


Sebehlezi khona izinsuku eziningi, uFestu weneka phambi kwenkosi indaba kaPawulu, wathi: “Kukhona indoda ethile eyashiywa nguFeliksi iboshiwe;


Kwathi mhla uHerode ebezakumphumisa, ngalobo busuku uPetru wayelele phakathi kwamabutho amabili, eboshiwe ngamaketanga amabili, nabalindi phambi komnyango begcina itilongo.


Kepha mina angibamukeli ubufakazi kumuntu; kodwa ngisho lokhu ukuba nisindiswe.


Kepha uma ningalaleli, umphefumulo wami uyakukhala ngasese ngokuzidla kwenu; iso lami liyakukhala nokukhala, limululeka izinyembezi, ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.


Yathi enkosikazini yayo: “Sengathi inkosi yami ingaba phambi komprofethi oseSamariya; khona ibiyakuphiliswa ochokweni lwayo.”


Yayisidabuka kakhulu inkosi, yakhuphukela ekamelweni elingaphezu kwesango, yakhala; isahamba yathi: “Hhawu, ndodana yami Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami Abisalomu! Sengathi nga ngifile esikhundleni sakho, Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami!”


UMose wathi kubo: “Unomhawu ngenxa yami na? Sengathi bonke abantu bakaJehova bangaba ngabaprofethi, uJehova abeke uMoya wakhe phezu kwabo.”


Abantwana bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi nga safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe, lapho sasihlezi ngasemakhanzini enyama, sidla isinkwa sisutha, ngokuba nisiphumisele kuleli hlane ukuyobulala lonke leli bandla ngendlala.”


Kepha uJeremiya wathi: “Abayikukunikela. Ake ulilalele izwi likaJehova kulokhu engikukhulumayo kuwe; kuyakuba kuhle kuwe, umphefumulo wakho uphile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite