Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 25:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Khona uFestu esekhulumile nomphakathi waphendula wathi: “Ulidlulisele kuKesari, uzakuya kuKesari.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Ngakho-ke uFestu esekhulumile nomphakathi, waphendula wathi: “Ulidlulisele kuKhesari, uzokuya kuKhesari.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 UFestusi esekhulume nomphakathi waphendula wathi: “Ulidlulisele kuKesari? kuKesari uzakuya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 UFestusi esekhulume nomphakathi waphendula wathi: “Ulidlulisele kuKesari? kuKesari uzakuya.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 25:12
17 Referans Kwoze  

njengokulangazela nokwethemba kwami ukuthi ayikho into engizakujabhiswa kuyo, kepha ngesibindi sonke, njengasezikhathini zonke namanje, uKristu uyakwenziwa mkhulu emzimbeni wami, nokuba kungokuphila nokuba kungokufa.


Kwathi ukuba sezenzekile lezo zinto, uPawulu wazimisela emoyeni ukuya eJerusalema esedabulile iMakedoniya ne-Akhaya, wathi: “Emva kokufika kwami khona ngimelwe ukubona neRoma.”


Sesifikile eRoma, uPawulu wavunyelwa ukuhlala yedwa enebutho elimlindayo.


Kepha u-Agripha wathi kuFestu: “Lo muntu ngabe ekhululiwe, uma ebengalidluliselanga kuKesari.”


Kepha uPawulu eselidlulisile wacela ukuba agcinwe lize lithethwe yinkosi enkulu, ngayala ukuba agcinwe ngize ngimthumele kuKesari.”


Ngobusuku obulandelayo iNkosi yema ngakuye, yathi: “Yima isibindi; njengalokho ufakaze ngami eJerusalema, ngokunjalo umelwe ukufakaza naseRoma.”


bonke abakhe emhlabeni bashaywa ize; uyenza njengentando yakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akakho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”


Kwasho ubani, kwenzakala, iNkosi ingakuyalelanga, na?


Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa; insalelo yolaka uyakuyibhinca.


Ngakho sitshele, uthini wena? Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha?”


Kepha uma ngonile ngenza utho olufanele ukufa, angali ukufa; kodwa uma kungekho lutho lwalokho laba abangimangalela ngakho, akakho onganginikela kubo. Ngilidlulisela kuKesari.”


Kwathi sekudlule izinsuku ezithile, u-Agripha inkosi, noBernike behlela eKesariya ukuyobingelela uFestu.


Kwathi sekunqunyiwe ukuba siye e-Italiya ngomkhumbi, banikela uPawulu nezinye iziboshwa ezithile enduneni yekhulu, igama layo linguJuliyu, eyebutho likaKesari.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite