Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 25:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kepha uma ngonile ngenza utho olufanele ukufa, angali ukufa; kodwa uma kungekho lutho lwalokho laba abangimangalela ngakho, akakho onganginikela kubo. Ngilidlulisela kuKesari.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Uma ngenzile utho olubi olufanele ukufa, mangife, angenqabi, kodwa nxa kungekho utho olunjalo kulokhu laba abangimangalela ngakho, akekho-ke onganginikela kubo. Ngilidlulisela kuKhesari.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Ngokuba uma ngingonile, noma ngenze utho olufanele ukufa, angifuni ukufa; ngidlulisela icala kuKesari.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngokuba uma ngingonile, noma ngenze utho olufanele ukufa, angifuni ukufa; ngidlulisela icala kuKesari.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 25:11
17 Referans Kwoze  

kepha abaJuda bekuphikisa, ngacindezelwa ukuba ngilidlulisele kuKesari, kungesikho ukuthi ngisimangalela isizwe sakithi ngalutho.


Kepha u-Agripha wathi kuFestu: “Lo muntu ngabe ekhululiwe, uma ebengalidluliselanga kuKesari.”


Kepha mina ngabona ukuthi akenzanga lutho olufanele ukuba afe, kodwa ngenxa yokudlulisela kwakhe kuKesari ngazinqumela ukumthuma.


Kepha uPawulu eselidlulisile wacela ukuba agcinwe lize lithethwe yinkosi enkulu, ngayala ukuba agcinwe ngize ngimthumele kuKesari.”


ababulala neNkosi uJesu nabaprofethi, basixosha nathi, bengamthokozisi uNkulunkulu, bemelana nabantu bonke,


UPawulu wayesethi: “Ngimi phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKesari, lapho ngimelwe ukwahlulelwa khona. Angenzanga okungalungile kubaJuda njengalokhu nawe wazi kahle.


Kepha besamelula ngemichilo, uPawulu wathi enduneni yekhulu eyayimi khona: “Kuvunyelwe yini ukushaya umuntu ongumRoma engalahlwanga yicala na?”


Khona uPawulu esezakuvula umlomo, uGaliyu wathi kubaJuda: “O nina baJuda, uma bekuyicala noma ubugebengu obubi, bekufanele nginibekezelele;


Kepha uPawulu wathi kuzo: “Basishayile phambi kwabantu singalahlwanga cala, thina singabantu abangamaRoma, basiphonsa etilongweni; manje basikhipha ngasese na? Qhabo, akuze bona, basikhiphe.”


uma ngiphakamisele intandane isandla sami, ngokuba ngabona usizo lwami esangweni,


UDavide wathi enhliziyweni yakhe: “Ngiyakubhubha ngelinye ilanga ngesandla sikaSawule; akukho okungcono kimi kunokuba ngibaleke, ngiye ezweni lamaFilisti; uSawule uyakungiyeka, angabe esangifuna emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli, ngiphunyuke esandleni sakhe.”


“UNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu, uyakwazi, no-Israyeli futhi uyakukwazi ukuthi uma kwakungokuhlubuka noma kungokuphambuka kuJehova, ungasisindisi namuhla


UJeremiya wathi futhi enkosini uSedekiya: “Ngoneni kuwe, nasezincekwini zakho, nakulaba bantu ukuba ningifake etilongweni na?


Khona uFestu esekhulumile nomphakathi waphendula wathi: “Ulidlulisele kuKesari, uzakuya kuKesari.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite