Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 24:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Kepha sekuphelile iminyaka emibili, uFeliksi walandelwa nguPorkiyu Festu; kodwa uFeliksi efuna ukubongwa ngabaJuda washiya uPawulu eboshiwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

27 Kepha sekuphele iminyaka emibili, isikhundla sikaFelikisi sathathwa nguPhorkiyu Festu, kodwa yena efuna ukuthokozisa abaJuda wamshiya uPawula eboshiwe ejele.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

27 Kepha emva kweminyaka emibili kwangena uPorkiyu Festu esikhundleni sikaFeliksi;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Kepha emva kweminyaka emibili kwangena uPorkiyu Festu esikhundleni sikaFeliksi;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 24:27
15 Referans Kwoze  

Kepha uFestu ethanda ukubongwa ngabaJuda, wamphendula uPawulu, wathi: “Uyathanda yini ukwenyukela eJerusalema, wahlulelwe khona phambi kwami ngalezi zinto, na?”


Sebehlezi khona izinsuku eziningi, uFestu weneka phambi kwenkosi indaba kaPawulu, wathi: “Kukhona indoda ethile eyashiywa nguFeliksi iboshiwe;


Esebonile ukuthi lokhu kuyabathokozisa abaJuda, waqhubeka wambamba noPetru. Kwakuyizinsuku zezinkwa ezingenamvubelo.


Kwathi uFestu engenile esikhundleni, wasuka eKesariya emva kwezinsuku ezintathu, wenyukela eJerusalema;


Khona uPilatu ethanda ukudelisa isixuku wasikhululela uBaraba, kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni.


Ngokuba manje ngizincengela kubantu noma kuNkulunkulu na? Kukho, ngifuna ukuzikholekisa kubantu yini? Uma bengisazikholekisa kubantu, kungaba angisiyo inceku kaKristu.


Kepha u-Agripha wathi kuFestu: “Lo muntu ngabe ekhululiwe, uma ebengalidluliselanga kuKesari.”


Ukwesaba abantu kubeka ugibe, kepha owethemba uJehova uyalondeka.


Kepha uPawulu wahlala iminyaka emibili egcwele endlini yakhe ayiqashileyo, wamukela bonke abeza kuye,


Kepha uFestu waphendula ngokuthi uPawulu ugcinwe eKesariya nokuthi naye usezakuya khona masinyane;


wathi: “Ngiyakuyizwa kahle indaba yakho, nxa sebefikile abakumangalelayo.” Wayala ukuba alondwe enqabeni kaHerode.


“Awuyikulandela umbimbi ukuyokwenza okubi, ungafakazi ecaleni ngokulandela umbimbi, uphendukezele isahlulelo;


Base bemdonsa uJeremiya ngezintambo, bamkhipha emgodini; uJeremiya wahlala egcekeni letilongo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite