Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 24:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Umbusi esemqhwebile ukuba akhulume, uPawulu waphendula wathi: “Lokhu ngiyazi ukuthi sekuyiminyaka eminingi ungumahluleli kulesi sizwe, ngiyaziphendulela ngesibindi;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Umbusi wavuma ngokunqekuzisa ikhanda ukuba uPawula akhulume, waphendula wathi: “Ngiyazi ukuthi sekuyiminyaka eminingi ungumehluleli kulesi sizwe, ngiyathokoza ukuziphendulela ngalezi zinto,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 UPawuli esemqhwebile ukuthi akhulume, waphendula wathi: Njengoba ngazi ukuthi sekuyiminyaka eminengi ungumgwebi walesisizwe, ngiziphendulela ngesibindi esikhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 UPawuli esemqhwebile ukuthi akhulume, waphendula wathi: Njengoba ngazi ukuthi sekuyiminyaka eminengi ungumgwebi walesisizwe, ngiziphendulela ngesibindi esikhulu.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 24:10
12 Referans Kwoze  

kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini,


Khona u-Agripha wathi kuPawulu: “Uvunyelwe ukuba uzikhulumele.” UPawulu wayeselula isandla, waziphendulela wathi:


kulungiselwe futhi izilwane, ukuze bakhwelise uPawulu, bamyise kahle kuFeliksi umbusi,”


Esemvumele, uPawulu wema esikhwelweni, waqhweba abantu ngesandla; sekuthe cwaka, wakhuluma ngolimi lwesiHeberu, wathi:


Base bekhipha u-Aleksandru esixukwini, abaJuda bamqhubela phambili; kepha u-Aleksandru waqhweba ngesandla, efuna ukuziphendulela kubantu.


kodwa uma kungukuphikisana ngamazwi, nangamagama, nangomthetho wakini, ziboneleni nina; mina angithandi ukuba ngumahluleli walezo zinto.”


Wayesesukuma uPawulu, waqhweba ngesandla, wathi: “Madoda akwa-Israyeli, nani enesaba uNkulunkulu, lalelani:


Wayesebaqhweba ngesandla ukuba bathule, wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani etilongweni, wathi: “Bikelani uJakobe nabazalwane lokhu.” Wayesephuma, waya kwenye indawo.


Wathi: “Kwakukhona emzini othile umahluleli othile owayengamesabi uNkulunkulu, enganaki muntu.


Kepha wathi kuye: “Mngane, ubani ongimise ngibe ngumahluleli noma umahlukanisi phezu kwenu na?”


Uma umuntu ona kumuntu, uNkulunkulu uyakumahlulela, kepha uma umuntu ona kuJehova, uyakulanyulelwa ngubani na?” Kodwa awalalelanga izwi likayise, ngokuba uJehova wayethanda ukuwabulala.


“Kepha nxa beniqhubela emasinagogeni,* nakubabusi, nakuzo iziphathimandla, ningakhathazeki ngokuthi niyakuziphendulela kanjani nangokuthini, nokuba niyakukhulumani,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite