Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 23:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kwase kuvela umsindo omkhulu, kwasukuma abathile kubabhali benxenye yabaFarisi, balwa kakhulu, bathi: “Asifumani lutho olubi kulo muntu; uma, pho, kukhulume kuye umoya noma ingelosi na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Kwaqubuka omkhulu umsindo, kwase kusukuma abathile beqembu labaFarisi abayizazimthetho, balwa kakhulu, bethi: “Asifumani lutho olubi kulo muntu. Siyothini uma kukhulume ingelosi noma umoya kuye na?”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Kwase kuba khona ukukhala okukhulu, ababhali besigaba sabaFarisi basukuma baphikisana, besithi: Kasitholi okubi kulumuntu;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kwase kuba khona ukukhala okukhulu, ababhali besigaba sabaFarisi basukuma baphikisana, besithi: Kasitholi okubi kulumuntu;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 23:9
23 Referans Kwoze  

ngawa phansi emhlabathini, ngezwa izwi lithi kimi: ‘Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na?’


Ngakho abantu ababemi bezwa bathi: “Beliduma;” abanye bathi: “Ingelosi ikhulume kuye.”


kwathi sebegudlukile, bakhuluma bodwa, bathi: “Lo muntu akenzi lutho olufanele ukufa noma izibopho.”


Kepha mina ngabona ukuthi akenzanga lutho olufanele ukuba afe, kodwa ngenxa yokudlulisela kwakhe kuKesari ngazinqumela ukumthuma.


ngayifumana imangalelwe ngezindaba zomthetho wakubo, kepha engamangalelwa ngalutho olufanele ukufa nokuba ukuboshwa.


Khona ababhali babaFarisi bembona edla nezoni nabathelisi bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba adle nabathelisi nezoni na?”


Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova, uzenza nezitha zakhe ukuba zihlalisane kahle naye.


Kumbe siyayivusela iNkosi ulaka na? Kanti sinamandla kunayo na?


Ngokuba ngalobu busuku bekumi ngakimi ingelosi kaNkulunkulu engingowakhe nengimkhonzayo,


Ngokuba abaSadusi bathi akukho ukuvuka kwabafileyo, nangelosi, namoya, kepha abaFarisi bavuma kokubili.


Ngakho uma uNkulunkulu ebanikile bona isipho njengathi esakholwa yiNkosi uJesu Kristu, ngingubani mina ukuba ngivimbele uNkulunkulu na?”


Wawa phansi emhlabathini, wezwa izwi lithi kuye: “Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.”


kepha uma kuvela kuNkulunkulu, aniyikuba namandla okubachitha, funa mhlawumbe nifunyanwe ningabalwayo noNkulunkulu.” Bamvumela-ke.


Wayesethi kubo ngokwesithathu: “Kanti lo wenze bubi buni na? Angifumananga kuye icala lokufa; ngakho ngiyakumshaya, ngimkhulule.”


Wayesethi uPilatu kubapristi abakhulu nakuzo izixuku: “Angifumani cala kulo muntu.”


AbaFarisi nababhali bakhonona kubafundi bakhe, bathi: “Yini ukuba nidle niphuze nabathelisi nezoni na?”


Wayesethi kuDavide: “Ulungile kunami, ngokuba wena ungiphindisele ngokuhle, kepha mina ngikuphindisele ngokubi.


Wayesethi kubo: “UJehova ungufakazi ngani, nogcotshiweyo wakhe ungufakazi namuhla ukuthi anifumananga lutho esandleni sami.” Bathi: “Ungufakazi.”


Zase zithi izikhulu nabo bonke abantu kubo abapristi nakubo abaprofethi: “Lo muntu akafanele ukufa, ngokuba ukhulume kithi egameni likaJehova uNkulunkulu wethu.”


“Kwathi ngisahamba ngisondela eDamaseku kuphakathi kwemini, kwangibaneka masinyane nxazonke ukukhanya okukhulu okwavela ezulwini,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite