Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 22:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 njengokuba nompristi omkhulu ufakaza ngami namalunga onke; ngamukela kubo izincwadi ezilotshelwe abazalwane, ngaya eDamaseku ukuba nababe khona lapho ngibayise eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 njengoba nomphristi omkhulu ufakaza ngami, namalunga wonke. Yibona engemukela kubo izincwadi ezilotshelwe abazalwane, ngangiya eDamaseku ukuba abakhona lapho ngibayise eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 njengalokhu nompristi omkhulu uyangifakazela, nebandla lonke lamalunga, engamukela kubo izincwadi eziya kubazalwane, ngaya eDamaseku ukuba ngibalethe eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Njengalokhu nompristi omkhulu uyangifakazela, nebandla lonke lamalunga, engamukela kubo izincwadi eziya kubazalwane, ngaya eDamaseku ukuba ngibalethe eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 22:5
21 Referans Kwoze  

Kwathi sekusile, kwabuthana amalunga abantu nabapristi abakhulu nababhali, bamyisa emphakathini wabo,


Kwathi sebezwile, bangena ethempelini ekuthatheni kokusa, bafundisa. Kepha kwafika umpristi omkhulu nababe naye, babizela ndawonye umphakathi nezigele zonke zabantwana bakwa-Israyeli, bathumela endlini yeziboshwa ukuba balethwe.


Ungasidebeseli isiphiwo esikuwe, owasiphiwa ngezwi lokuprofetha nangokubekwa izandla ngamalunga.


Base bethi kuye: “Thina asamukelanga ncwadi ngawe evela eJudiya, akufikanga namuntu wabazalwane ukubika nokukhuluma utho olubi ngawe.


“Kwathi lapho ngisaya eDamaseku ngamandla nangokuthunywa ngabapristi abakhulu,


lokho ngase ngikwenza-ke eJerusalema; mina ngabafaka abaningi kwabangcwele ematilongweni, ngiwatholile amandla kubapristi abakhulu, nalapho bebulawa ngabalahla ngevoti* lami.


“Madoda, bazalwane, nani bobaba, yizwani ukuziphendulela kwami phambi kwenu kalokhu.”


“Madoda, bazalwane, madodana ohlanga luka-Abrahama, nabaphakathi kwenu abamesabayo uNkulunkulu, izwi lale nsindiso lithunyelwe kithi.


nalapha unamandla avela kubapristi abakhulu okubopha bonke abakhuleka egameni lakho.”


Kwathi ngangomuso kwabuthana eJerusalema ababusi namalunga nababhali babo,


Ngaleyo mihla uPetru wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasikhona ndawonye kwakungathi ikhulu namashumi amabili, wathi:


“Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa, nokuthi wembelwa, nokuthi ithuna lakhe lisekhona kithi nanamuhla.


“Kalokhu, bazalwane, ngiyazi ukuthi nenza lokho ngokungazi njengabo ababusi benu.


UPawulu wayesegqolozela umphakathi, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngihambile phambi kukaNkulunkulu nginonembeza wonke omuhle kuze kube namuhla.”


Kepha kwathi uPawulu azi ukuthi enye inxenye yabo ingabaSadusi nenye ingabaFarisi, wamemeza emphakathini, wathi: “Madoda, bazalwane, ngingumFarisi mina, ngiyindodana yabaFarisi; ngimangalelwa ngethemba nangokuvuka kwabafileyo.”


Nasemasinagogeni* onke kaningi ngabajezisa ngibacindezela ukuba bahlambalaze; ngahlanya kakhulu ngabo, ngibazingela kwaze kwaba semizini yabezizwe.


Kwathi emva kwezinsuku ezintathu wabizela ndawonye kuye abakhulu babaJuda; sebebuthene, wathi kubo: “Madoda, bazalwame, noma mina ngingenzanga lutho oluphambene nesizwe namasiko awobaba, nokho ngasuswa eJerusalema ngiyisiboshwa, nganikelwa ezandleni zamaRoma;


Nizwile phela lokhu ngenkambo yami yakuqala ebuJudeni ukuthi ngalizingela kakhulu ibandla likaNkulunkulu, ngalichitha,


ngokokushisekela ngingowazingela ibandla, ngokokulunga okusemthethweni ngingongasolekiyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite