Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 22:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Kwathi ngangomuso ifuna ukwazi iqiniso lalokho amangalelwe ngakho ngabaJuda, yamkhulula, yayala ukuba abapristi abakhulu nomphakathi wonke ubuthane, yamehlisa uPawulu phambi kwabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

30 Ngakusasa ifuna ukwazi umsuka wendaba yokuthi abaJuda bamsola ngani, yamkhulula, yayisiyaleza ukuba abaphristi abakhulu nomkhandlu wonke ubuthane, yayisimehlisa uPawula, yammisa phambi kwabo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

30 Ngangomuso, efuna ukwazi iqiniso, ukuthi kungani amangalelwe ngamaJuda, wamkhulula eziboshweni, wayala ukuba abapristi abakhulu nomphakathi wonke wabo beze, wamehlisa uPawulu, wammisa phambi kwabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Ngangomuso, efuna ukwazi iqiniso, ukuthi kungani amangalelwe ngamaJuda, wamkhulula eziboshweni, wayala ukuba abapristi abakhulu nomphakathi wonke wabo beze, wamehlisa uPawulu, wammisa phambi kwabo.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 22:30
13 Referans Kwoze  

Ngathi ngifuna ukwazi icala abayimangalela ngalo, ngayehlisela emphakathini wabo;


Khona induna yenkulungwane yasondela, yamthatha, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili, yabuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni.


UPawulu wayesethi: “Bengingafisa kuNkulunkulu ukuba, noma kukancane noma kukakhulu, kungabi wena wedwa kodwa bonke abangizwayo namuhla babe njengami, ngaphandle kwalezi zibopho.”


Manje-ke nina kanye nomphakathi yazisani induna yenkulungwane ukuba imehlisele kini ngokungathi nizakuhlolisisa indaba yakhe; thina-ke silungele ukumbulala engakasondeli.”


njengokuba nompristi omkhulu ufakaza ngami namalunga onke; ngamukela kubo izincwadi ezilotshelwe abazalwane, ngaya eDamaseku ukuba nababe khona lapho ngibayise eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.


yena wafika kithi, wathatha uqhotho lukaPawulu, wazibopha izinyawo nezandla, wathi: “Usho njalo uMoya oNgcwele, uthi: ‘Umuntu olungolwakhe lolu qhotho abaJuda bazakumbopha kanje eJerusalema, bamkhaphele ezandleni zabezizwe.’ ”


Kwathi sebezwile, bangena ethempelini ekuthatheni kokusa, bafundisa. Kepha kwafika umpristi omkhulu nababe naye, babizela ndawonye umphakathi nezigele zonke zabantwana bakwa-Israyeli, bathumela endlini yeziboshwa ukuba balethwe.


bambopha, bamuka naye, bamnikela kuPilatu umbusi.


“Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela emiphakathini, banishaye emasinagogeni* abo.


Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo othukuthelela umfowabo uyakuba necala lokwahlulelwa; noshoyo kumfowabo ukuthi: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini; noshoyo ukuthi: ‘Siwula,’ uyakuba necala lokulahlwa esihogweni somlilo.


UPawulu wayesegqolozela umphakathi, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngihambile phambi kukaNkulunkulu nginonembeza wonke omuhle kuze kube namuhla.”


Kepha kwathi uPawulu azi ukuthi enye inxenye yabo ingabaSadusi nenye ingabaFarisi, wamemeza emphakathini, wathi: “Madoda, bazalwane, ngingumFarisi mina, ngiyindodana yabaFarisi; ngimangalelwa ngethemba nangokuvuka kwabafileyo.”


Yathi: “AbaJuda bavumelene ukucela kuwe ukuba wehlisele uPawulu emphakathini ngomuso ngokungathi bazakuhlolisisa indaba yakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite