Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 21:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha ngangomuso samuka safika eKesariya, sangena endlini kaFiliphu umvangeli, owayengomunye wabayisikhombisa, sahlala naye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Ngakusasa sahamba saze safika eKhesariya, sangena emzini kaFiliphu umvangeli, owayengomunye wabayisikhombisa, sahlala naye.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Ngangomuso sasuka, safika eKesariya, sangena endlini kaFiliphu umvangeli, owayengomunye wabayisikhombisa; wahlala laye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngangomuso sasuka, safika eKesariya, sangena endlini kaFiliphu umvangeli, owayengomunye wabayisikhombisa; wahlala laye.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 21:8
18 Referans Kwoze  

Leli zwi laba lihle kulo lonke ibandla; base bekhetha uStefanu, umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele, noFiliphu, noProkhoro, noNikanori, noThimoni, noPharmena, noNikolawu, iproselite* lase-Antiyokiya,


Nguyena futhi owanika abanye ukuba babe ngabaphostoli, abanye abaprofethi, abanye abavangeli, abanye abelusi nabafundisi,


Kepha wena, qonda ezintweni zonke, ubekezele ekuhluphekeni, wenze umsebenzi womvangeli, ufeze ukukhonza kwakho.


Sesifikile eRoma, uPawulu wavunyelwa ukuhlala yedwa enebutho elimlindayo.


Ngosuku lwesabatha saphumela ngaphandle kwesango ngasemfuleni, lapho sathi babevama ukukhuleka khona; sahlala phansi, sakhuluma kubo abesifazane ababebuthene.


Lapho esewubonile umbono, safuna masinyane ukuya eMakedoniya, sathi uNkulunkulu usibizile ukuba sibashumayeze ivangeli.


Abazalwane sebekwazi lokho bamehlisela eKesariya, bamthumela eTarsu.


Emva kwezinyanga ezintathu sase simuka ngomkhumbi wase-Aleksandriya owawudlulisa ubusika esiqhingini, uphawu lwawo lungolwamaWele.


Kwathi sekunqunyiwe ukuba siye e-Italiya ngomkhumbi, banikela uPawulu nezinye iziboshwa ezithile enduneni yekhulu, igama layo linguJuliyu, eyebutho likaKesari.


Yayisibiza izinduna zekhulu ezimbili, yathi: “Lungisani amabutho angamakhulu amabili alungele ukuya eKesariya ngehora lesithathu lasebusuku, kanye nezinkweli ezingamashumi ayisikhombisa, nabemikhonto abangamakhulu amabili,


Kepha thina sandulela ukuya emkhunjini, samuka saya e-Asu, lapho sasizakumkhwelisa khona uPawulu; ngokuba wayenqumile kanjalo, yena ebezakuhamba ngezinyawo.


Kepha thina samuka ngomkhumbi eFilipi emva kwezinsuku zezinkwa ezingenamvubelo, safika kubo eTrowa ngezinsuku eziyisihlanu, sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa.


esefikile eKesariya wakhuphuka wabingelela ibandla; wehlela e-Antiyokiya.


Kwathi siya endaweni yokukhuleka, kwahlangana nathi intombazana enomoya wobungoma, eyayitholela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula.


Kwakukhona eKesariya indoda ethile egama layo linguKorneliyu, eyinduna yekhulu yebutho elithiwa elase-Italiya;


kwahamba nathi abanye kubafundi baseKesariya, besiyisa kuMnasoni othile waseKhupro, umfundi omdala, ebesizakungenisa kwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite