Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 21:40 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

40 Esemvumele, uPawulu wema esikhwelweni, waqhweba abantu ngesandla; sekuthe cwaka, wakhuluma ngolimi lwesiHeberu, wathi:

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

40 Esemvumele, uPawula wema esikhwelweni, wathulisa abantu ngesandla. Kwase kuthula kuthi cwaka, wayesekhuluma ngolimi lwesiHebheru, ethi:

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

40 Kwathi esemnike imvume, uPawulu wema ezikhwelweni, waqhweba abantu ngesandla. Kwathi sekuthuleke kakhulu, wakhuluma kubo ngolimi lwesiHeberu, wathi:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

40 Kwathi esemnike imvume, uPawulu wema ezikhwelweni, waqhweba abantu ngesandla. Kwathi sekuthuleke kakhulu, wakhuluma kubo ngolimi lwesiHeberu, wathi:

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 21:40
16 Referans Kwoze  

Wayesebaqhweba ngesandla ukuba bathule, wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani etilongweni, wathi: “Bikelani uJakobe nabazalwane lokhu.” Wayesephuma, waya kwenye indawo.


kwathi sesiwile phansi sonke emhlabathini, ngezwa izwi likhuluma kimi ngo limi lwesiHeberu, lithi: ‘Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.’


Kwathi bemuzwa ekhuluma kubo ngolimi lwesiHeberu, bathula bathi du. Wayesethi:


Kukhona-ke eJerusalema ngasesangweni lezimvu ichibi elithiwa ngesiHeberu iBethesda, linemipheme eyisihlanu.


Esefikile esikhwelweni, kwenzeka ukuba athwalwe ngamabutho ngenxa yokukhandana kwesixuku;


Base bekhipha u-Aleksandru esixukwini, abaJuda bamqhubela phambili; kepha u-Aleksandru waqhweba ngesandla, efuna ukuziphendulela kubantu.


Wayesebahlanganisela endaweni ethiwa ngesiHeberu iHarmagedoni.


Sinenkosi phezu kwaso, ingelosi yakwalasha, igama layo ngesiHeberu lingu-Abadoni, kepha ngesiGreki inegama lokuthi u-Apholiyoni.


Wayesesukuma uPawulu, waqhweba ngesandla, wathi: “Madoda akwa-Israyeli, nani enesaba uNkulunkulu, lalelani:


Kwathi ngaleyo mihla abafundi sebanda, kwavela ukukhonona kubaJuda abakhuluma isiGreki ngamaHeberu ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa ekwabelweni kwemihla ngemihla.


Khona abaningi babaJuda bafunda leso saziso; ngokuba indawo leyo, lapho uJesu wabethelwa khona esiphambanweni, yayiseduze nomuzi. Kwakulotshiwe ngesiHeberu, nangesiRoma, nangesiGreki.


Waphuma ezithwalele isiphambano, waya endaweni ethiwa iNdawo Yekhanda, ethiwa ngesiHeberu iGolgotha.


Kuthe uPilatu esezwa lawo mazwi wamkhiphela ngaphandle uJesu; wahlala esihlalweni sokwahlulela endaweni ethiwa eGandaywe ngamatshe kodwa ngesiHeberu iGabatha.


Kwakukhona nombhalo phezu kwakhe othi: LO YINKOSI YABAJUDA.


Zase zishesha, zathatha, kwaba yileyo naleyo ingubo yayo, zazibeka phansi kwakhe esikhwelweni, zabetha icilongo, zathi: “UJehu uyinkosi.”


kwaziwa yibo bonke abakhileyo eJerusalema, yaze yaqanjwa leyo nsimu ngolimi lwakubo ngokuthi i-Akeldama, okungukuthi iNsimu Yegazi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite