Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 21:37 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

37 Esezakungeniswa ekamu* uPawulu wathi enduneni yenkulungwane: “Ngivunyelwe ukuba ngisho utho na?” Yona yathi: “Uyasazi isiGreki na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

37 Lapho esezongeniswa enkanjini, uPawula wathi enduneni yenkulungwane: “Ngabe ngivunyelwe yini ukuba notho engilushoyo kuwe na?” Yona yathi: “Uyasazi yini isiGriki na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

37 Kwathi uPawuli esezangeniswa enkambeni yamabutho, wathi enduneni yenkulungwane: Ngingakhuluma lawe yini? Yathi: “Uyakwazi ukukhuluma isiGreki na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

37 Kwathi uPawuli esezangeniswa enkambeni yamabutho, wathi enduneni yenkulungwane: Ngingakhuluma lawe yini? Yathi: “Uyakwazi ukukhuluma isiGreki na?

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 21:37
8 Referans Kwoze  

Kepha abanye esixukwini bamemeza okunye, abanye okunye; yathi ukuba ingenakulazi iqiniso ngenxa yomsindo, yayala ukuba ayiswe ekamu.*


Wababingelela, wabalandisa ngakho konke ngakunye uNkulunkulu abekwenzile phakathi kwabezizwe ngenkonzo yakhe.


Kepha uPawulu esefuna ukungena phakathi kwabantu, abafundi abamvumelanga.


ngokuba mina ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha abangemelane nakho, bakuphike, bonke abayimpi kini.


induna yenkulungwane yayala ukuba angeniswe ekamu,* yathi akahlolwe ngenduku, ukuze iqonde ukuthi kungasiphi isici bememeza kanje ngaye.


Kwathi sekuvele isiyaluyalu esikhulu, induna yenkulungwane yesaba ukuba uPawulu angadwengulwa yibo, yayala impi ukuba yehle imhlwithe phakathi kwabo, imyise ekamu.*


Kepha indodana kadadewabo kaPawulu yezwa ngokumqamekela kwabo, yafika yangena ekamu,* yambikela uPawulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite