Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 21:33 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Khona induna yenkulungwane yasondela, yamthatha, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili, yabuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

33 Yayisisondela induna yenkulungwane, yamthatha, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili, yayisibuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

33 Induna yenkulungwane yayisisondela, yambamba, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili; wabuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Induna yenkulungwane yayisisondela, yambamba, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili; wabuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 21:33
18 Referans Kwoze  

engiyisithunywa ngalo esiboshiwe ngamaketanga, ukuze ngikhulume ngesibindi ngalo, njengokuba kufanele ukuba ngikhulume.


yena wafika kithi, wathatha uqhotho lukaPawulu, wazibopha izinyawo nezandla, wathi: “Usho njalo uMoya oNgcwele, uthi: ‘Umuntu olungolwakhe lolu qhotho abaJuda bazakumbopha kanje eJerusalema, bamkhaphele ezandleni zabezizwe.’ ”


kuphela ukuba uMoya oNgcwele uyafakaza kimi imizi ngemizi ethi izibopho nezinhlupheko zingihlalele.


Kwathi mhla uHerode ebezakumphumisa, ngalobo busuku uPetru wayelele phakathi kwamabutho amabili, eboshiwe ngamaketanga amabili, nabalindi phambi komnyango begcina itilongo.


Ngakho ngaleso sizathu nginibizele lapha ukuba nginibone, ngikhulume nani; ngokuba ngenxa yethemba lika-Israyeli ngiboshiwe ngaleli ketanga.”


Ngakho basuka kuye masinyane abase bezakumhlola; kepha induna yenkulungwane yesaba, isiyazi ukuthi ungumRoma nokuthi ibimbophile.


engihlupheka ngalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.


INkosi mayinike indlu ka-Onesiforu umusa, ngokuba wangihlumelela kaningi, wayengenamahloni ngeketanga lami,


UPawulu wayesethi: “Bengingafisa kuNkulunkulu ukuba, noma kukancane noma kukakhulu, kungabi wena wedwa kodwa bonke abangizwayo namuhla babe njengami, ngaphandle kwalezi zibopho.”


ngabaphendula ngathi akusiwo umkhuba wamaRoma ukumnikela umuntu omangalelwayo engakamiswa phambi kwabammangalelayo, athole ithuba lokuziphendulela ngecala amangalelwe ngalo.


AmaFilisti ambamba, awakhipha amehlo akhe; amehlisela eGaza, ambopha ngamaketanga; wasila etilongweni.


UDelila wayesethatha amagoda amasha, wambopha ngawo, wathi kuye: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Abaqamekeli babehlezi ekamelweni eliphakathi. Wawagqabula ezingalweni zakhe njengomucwana.


Amakhosi amaFilisti ayeseletha kuye izinsinga eziyisikhombisa ezimanzi ezingakomi, wambopha ngazo.


Basho kuye, bathi: “Qha, kepha siyakukubopha nokukubopha, sikunikele esandleni sawo, kodwa impela asiyikukubulala.” Bambopha ngezintambo ezimbili ezintsha, bamkhuphulela edwaleni.


Kwathi ngangomuso ifuna ukwazi iqiniso lalokho amangalelwe ngakho ngabaJuda, yamkhulula, yayala ukuba abapristi abakhulu nomphakathi wonke ubuthane, yamehlisa uPawulu phambi kwabo.


njengalokhu kufanele ukuba ngibe nomqondo onjalo ngani nonke, njengokuba nginithwele enhliziyweni yami, lokhu ekuboshweni kwami nasekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli nina nonke nihlanganyele nami emseni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite