Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 21:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kwathi sekuqhamuke iKhupro, sesilishiyile ngakwesokhohlo, saqonda eSiriya, sehlika eTire, ngokuba umkhumbi wawuzakwethula khona impahla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Kwathi sesiyibona iKhuphro saze sayedlula, siyishiya ngemuva ngakwesokhohlo, saya eSiriya. Safika echwebeni eThire, ngokuba umkhumbi wawuzokwethula lapho izimpahla.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Kwathi sesiyibonile iKhupro, sayishiya ngakwesokhohlo, sangena ngomkhumbi eSiriya, sehla eTire, ngokuba umkhumbi wawuzakwethula khona umthwalo wawo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kwathi sesiyibonile iKhupro, sayishiya ngakwesokhohlo, sangena ngomkhumbi eSiriya, sehla eTire, ngokuba umkhumbi wawuzakwethula khona umthwalo wawo.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 21:3
22 Referans Kwoze  

Sasuka lapho, sagudla ngenzansi kweKhupro, ngokuba imimoya yayiphambene nathi.


kwahamba nathi abanye kubafundi baseKesariya, besiyisa kuMnasoni othile waseKhupro, umfundi omdala, ebesizakungenisa kwakhe.


Kepha wayebathukuthelele abaseTire nabaseSidoni; kodwa beza kuye nganhliziyonye; sebemvumisile uBlastu induna yendlu yenkosi, bacela ukuthula, ngokuba izwe lakubo lalifunzwa ngelenkosi.


Kwathi uJosefa owathiwa ngabaphostoli uBarnaba, okungukuthi ngokuhunyushwa indodana yenduduzo, umLevi waseKhupro ngokuzalwa,


Udumo lwakhe lwezwakala ezweni lonke laseSiriya; baletha kuye bonke abagulayo abaphethwe yizifo ngezifo nobuhlungu, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi, wabaphulukisa.


Kepha uPawulu esehlale khona izinsuku eziningi, wavalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya kanye noPrisila no-Akwila, esegundile ikhanda lakhe eKenikreya; ngokuba wayezibophe ngesifungo.


Wadabula iSiriya neKhilikhiya eqinisa amabandla.


Kwase kuvela ukuphikisana okukhulu, baze bahlukana; uBarnaba wathatha uMarku, wawelela eKhupro ngomkhumbi.


baloba ngesandla sabo ngokuthi: Abaphostoli namalunga, abazalwane, bayabingelela abazalwane abavela kwabezizwe abase-Antiyokiya, nabaseSiriya, nabaseKhilikhiya.


Bona-ke bethunyiwe nguMoya oNgcwele behlela eSelukiya; basuka lapho, baya eKhupro ngomkhumbi.


Kepha labo ababehlakazekile ngokuhlupheka okwaqala ngoStefanu bahamba, baze bafika eFenike, naseKhupro, nase-Antiyokiya, bengalikhulumi izwi koyedwa, kubaJuda kuphela.


“Maye kuwe Korazini! Maye kuwe Betsayida! Ngokuba uma kwakwenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngakube kade yaphenduka, ihlala ngesaka nangomlotha.


Lokhu kubalwa kokuqala kwenziwa uKhureniyu engumbusi waseSiriya.


“Maye kuwe Korazini! Maye kuwe Betsayida! Ngokuba uma kwakwenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngakube kade yaphenduka ngesaka nangomlotha.


Kwatshelwa indlu kaDavide ukuthi: “I-Aramu limise kwa-Efrayimi.” Yayisiqhaqhazela inhliziyo yakhe nenhliziyo yabantu bakhe njengemithi yasehlathini ithuthumela ngomoya.


Ngiyakubala uRahabi neBabele kulabo abangaziyo; yebo, iFilistiya neThire kanye neKushe azalelwa khona.


Indodakazi yaseTire, yebo, nabacebileyo babantu bancenga umusa wakho ngesipho.


UDavide wamisa amakhanda e-Aramu laseDamaseku, ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.


Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova, babakhonza oBali, no-Ashitaroti, nawonkulunkulu base-Aramu, nawonkulunkulu baseSidoni, nawonkulunkulu bakwaMowabi, nawonkulunkulu babantwana bakwa-Amoni, nawonkulunkulu bamaFilisti, bamshiya uJehova, kabamkhonza.


sesifumene umkhumbi owelela eFenike, sangena kuwo, samuka.


Thina sesiqedile ukuhamba ngomkhumbi sisuka eTire, safika ePetolemayi, sabingelela abazalwane, sahlala nabo usuku lwaba lunye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite