Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 21:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 wathathe wona, uzihlambulule kanye nawo, uwakhokhele ukuba aphucule ikhanda; khona bazakwazi bonke ukuthi akukho lutho lwalokho abakubikelwe ngawe, kepha ukuthi nawe uhamba ulonda umthetho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 wathathe uzihlambulule kanye nawo, uwakhokhele ukuze aphuce amakhanda, khona bonke bezokwazi ukuthi akukho lutho oluliqiniso kulokho okubikiwe ngawe, kodwa ukuthi nawe uyavumelana nomthetho futhi uyawugcina.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Bathathe, uzihlambulule kanye nabo, ube necala kubo, ukuze baphuce amakhanda abo, bazi bonke ukuthi akulutho lokho abakubikelwe ngawe; kodwa ukuthi lawe uhamba ngokufaneleyo njalo ugcina umlayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Bathathe, uzihlambulule kanye nabo, ube necala kubo, ukuze baphuce amakhanda abo, bazi bonke ukuthi akulutho lokho abakubikelwe ngawe; kodwa ukuthi lawe uhamba ngokufaneleyo njalo ugcina umlayo.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 21:24
20 Referans Kwoze  

Khona uPawulu wawathatha lawo madoda, ngangomuso wayesezihlambulula kanye nawo, wangena ethempelini, wabika ukuphela kwezinsuku zokuhlanjululwa, kuze kulethwe umnikelo ngenxa yawo onke.


okuthe ngikulokho bangifumana ethempelini ngihlanjululiwe, kungekho isixuku nomsindo,


Kepha uPawulu esehlale khona izinsuku eziningi, wavalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya kanye noPrisila no-Akwila, esegundile ikhanda lakhe eKenikreya; ngokuba wayezibophe ngesifungo.


KubaJuda ngaba njengomJuda, ukuze ngizuze abaJuda; kwabaphansi komthetho ngaba njengophansi komthetho, noma ngingephansi komthetho mina, ukuze ngizuze abaphansi komthetho;


UMose wehla entabeni, wabuyela kubantu, wabangcwelisa abantu; bahlanza-ke izingubo zabo.


Ngokuba bengakafiki abanye ababevela kuJakobe, wayedla nabezizwe; kepha kuthe ukuba kufike bona, wamonyuka, wazahlukanisa nabo, esaba abokusoka.


Lase liseduze iPhasika labaJuda; abaningi abavela emaphandleni bakhuphukela eJerusalema ngaphambi kwePhasika ukuba bazihlambulule.


Kwase kuvela ukuphikisana phakathi kwabafundi bakaJohane nabaJuda ngokuhlambulula.


Ekuvukeni kwakhe abanamandla bayesaba; ngenxa yevuso baphela amandla.


Kwathi lapho seziphelile izinsuku zedili lawo, uJobe wathuma wawangcwelisa, wavuka ekuseni, wanikela ngeminikelo yokushiswa njengomumo wawo onke; ngokuba uJobe wathi: “Mhlawumbe amadodana ami onile, amthukile uNkulunkulu ezinhliziyweni zawo.” Wenze njalo uJobe imihla yonke.


ngokuba bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana, impuco ayiyikuthinta ekhanda layo, ngokuba umntwana uyakuba ngumNaziri* kaNkulunkulu kwasesizalweni; uyakuqala ukusindisa u-Israyeli esandleni samaFilisti.”


“ ‘UmNaziri uyakuphucula ikhanda lobuNaziri bakhe ngasemnyango wetende lokuhlangana, athathe izinwele zekhanda lobuNaziri bakhe, azibeke emlilweni ophansi komhlatshelo weminikelo yokuthula.


“ ‘Nanku umthetho womNaziri lapho izinsuku zobuNaziri bakhe seziphelele wokuthi uyakulethwa emnyango wetende lokuhlangana,


“ ‘Uma umuntu efa ngokuzumayo eceleni kwakhe, angcolise ikhanda lobuNaziri bakhe, uyakuphucula ikhanda lakhe ngosuku lokuhlanjululwa kwakhe, aliphucule ngosuku lwesikhombisa.


“ ‘Zonke izinsuku zesithembiso sakhe sobuNaziri kungasondeli mpuco ekhanda lakhe; uyakuba ngcwele zize ziphelele izinsuku azahlukanisela ngazo kuJehova, avume isihluthu sezinwele zekhanda lakhe sibe side.


UJehova wayesethi kuMose: “Hamba uye kubantu, ubangcwelise namuhla nakusasa, bahlanze izingubo zabo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite