Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 20:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kepha thina samuka ngomkhumbi eFilipi emva kwezinsuku zezinkwa ezingenamvubelo, safika kubo eTrowa ngezinsuku eziyisihlanu, sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Thina santweza ngomkhumbi sisuka eFiliphu, emva kwezinsuku zezinkwa ezingenamvubelo, saze safika kubo eThrowa ezinsukwini ezinhlanu, sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Sasuka ngomkhumbi eFilipi emva kwezinsuku zesinkwa esingenamvubelo, safika kubo eTrowa ngezinsuku eziyisihlanu; sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Sasuka ngomkhumbi eFilipi emva kwezinsuku zesinkwa esingenamvubelo, safika kubo eTrowa ngezinsuku eziyisihlanu; sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 20:6
18 Referans Kwoze  

Esebonile ukuthi lokhu kuyabathokozisa abaJuda, waqhubeka wambamba noPetru. Kwakuyizinsuku zezinkwa ezingenamvubelo.


Sisuka lapho saya eFilipi elingumuzi oyikhanda lesifunda saseMakedoniya, ikoloni.* Kulowo muzi sahlala izinsuku ezithile.


“Uzakugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo, udle isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, njengalokho ngakuyala, ngesikhathi esinqunyiweyo senyanga ka-Abibi, ngokuba waphuma ngayo eGibithe, kungabonakali muntu phambi kwami ongaphethe lutho,


Ijazi engalishiya eTrowa kuKarpu woliphatha, nxa uza, nezincwadi, ikakhulu ezesikhumba.


“Umkhosi wesinkwa esingenamvubelo wowugcina. Uyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, njengalokho ngakuyala, ngesikhathi esinqunyiweyo senyanga ka-Abibi, ngokuba ngenyanga ka-Abibi waphuma eGibithe.


Kepha noma sasihlushiwe kuqala saphathwa kabi eFilipi, njengokuba nazi, saba nesibindi kuNkulunkulu wethu sokunishumayeza ivangeli likaNkulunkulu ngokulwa okukhulu.


OPawulu noThimothewu, izinceku zikaKristu Jesu, kubo bonke abangcwele kuKristu Jesu abaseFilipi, kanye nababonisi namadiyakoni:*


Safumana khona abazalwane, sancengwa ukuba sihlale nabo izinsuku eziyisikhombisa; kanjalo safika eRoma.


Kepha ngangomuso samuka safika eKesariya, sangena endlini kaFiliphu umvangeli, owayengomunye wabayisikhombisa, sahlala naye.


Safumana abafundi, sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa; bona bathi ngoMoya kuPawulu, angalubeki unyawo eJerusalema.


Badlula eMisiya, behlela eTrowa.


Lapho esewubonile umbono, safuna masinyane ukuya eMakedoniya, sathi uNkulunkulu usibizile ukuba sibashumayeze ivangeli.


Laba basandulela, basilindela eTrowa.


Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi ukuze angalibali isikhathi e-Asiya; ngokuba wayekhawulezela ukuba, uma kungenzeka, abe khona eJerusalema ngosuku lwePhentekoste.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite