Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 20:29 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Mina ngiyazi ukuthi emva kokumuka kwami kuzakungena kini izimpisi ezihahayo zingawuhawukeli umhlambi,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

29 Ngiyazi ukuthi kuzofika izimpisi ezinonya emuva kokuba sengihambile, ezingenakuwuhawukela umhlambi,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

29 Ngokuba ngiyazi lokhu ukuthi emva kokumuka kwami kuyakungena phakathi kwenu izimpisi ezihahayo, zingawuhawukeli umhlambi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Ngokuba ngiyazi lokhu ukuthi emva kokumuka kwami kuyakungena phakathi kwenu izimpisi ezihahayo, zingawuhawukeli umhlambi.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 20:29
18 Referans Kwoze  

“Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo.


Kepha kwavela nabaprofethi bamanga phakathi kwesizwe, njengokuba nakinina kuzakuba khona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso zamanga ezibhubhisayo, bephika noMbusi owabathengayo, bezilethela ukubhujiswa okusheshayo;


Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwalusa ibandla likaNkulunkulu azizuzele lona ngegazi lakhe.


Okhokhelwayo engesiye umalusi, izimvu zingesizo ezakhe, ebona impisi iza, ushiya izimvu, abaleke – impisi izibhozomele, izihlakaze –


Hambani; bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi.


Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.


“Maye kumalusi oyisiwula oshiya izimvu! Inkemba iyakuba sengalweni yakhe nasesweni lakhe lokunene; ingalo yakhe iyakubuna nokubuna, neso lakhe lokunene liyakufiphala nokufiphala.”


“Wo kubo abelusi abachitha, bazihlakaze izimvu zedlelo lami!” usho uJehova.


Izikhulu zawo phakathi kwawo ziyizingonyama ezibhongayo; abahluleli bawo bayizimpisi zokuhlwa; abashiyeli lutho ingomuso.


Phakamisani amehlo enu, nibone abavela enyakatho; uphi umhlambi owaphiwa wona, izimvu zakho ezinhle, na?


Izikhulu zawo phakathi kwawo zinjengezimpisi ezidwengula impango ukuchitha igazi nokuqeda imiphefumulo ukuba ziphange nokuphanga.


Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, impela ngenxa yokuba izimvu zami zaba yimpango, nangokuba izimvu zami zaba ngukudla kwazo zonke izilwane zasendle, lokhu umalusi engekho, nangokuba abelusi bami bengafunanga izimvu zami, abelusi bezibonelela bona, bengazalusi izimvu zami,


Ekuweni kwabo bayakusizwa ngokusizwa okuncane, bese bebambelela kubo abaningi ngokuthopha.


“Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso.


Khona sebedlile uJesu wathi kuSimoni Petru: “Simoni kaJona, uyangithanda kunalaba na?” Wathi kuye: “Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda.” Wathi kuye: “Yipha amawundlu ami.”


Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, kungabi ngokucindezelwa kodwa ngokwentando kaNkulunkulu, kungabi ngenxa yenzuzo eyihlazo kodwa ngenhliziyo evumayo,


abasho ukuthi ngesikhathi sokugcina kuyakuba khona abahleka usulu, behamba ngezinkanuko zabo zokungamesabi uNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite