Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 20:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Sesiphelile isiyaluyalu, uPawulu wababiza abafundi, wabavuselela, wavalelisa, wamuka waya eMakedoniya.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Kwathi sesiphelile isiphithiphithi, uPawula wabiza abafundi, wabakhuthaza, wayesevalelisa, wahamba waya eMakhedoniya.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Kwathi sesiphelile isiyaluyalu, uPawulu wabizela kuye abafundi, wabagona, wamuka ukuya eMakedoniya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi sesiphelile isiyaluyalu, uPawulu wabizela kuye abafundi, wabagona, wamuka ukuya eMakedoniya.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 20:1
20 Referans Kwoze  

Ngokuba nasekufikeni kwethu eMakedoniya inyama yethu ayibanga nakuphumula, kodwa sakhathazeka nxazonke; ngaphandle kwakukhona ukulwa, ngaphakathi ukwesaba.


Kwathi ukuba sezenzekile lezo zinto, uPawulu wazimisela emoyeni ukuya eJerusalema esedabulile iMakedoniya ne-Akhaya, wathi: “Emva kokufika kwami khona ngimelwe ukubona neRoma.”


Njengokuba ngakutshela mhla ngiya eMakedoniya ukuthi wohlala e-Efesu, ukuze uyale abathile ngokuthi bangafundisi okwahlukileyo,


Khonzani kubazalwane bonke ngokwanga okungcwele.


Abazalwane bonke bayakhonza kini. Bingelelanani ngokwanga okungcwele.


Kepha ngiyakuza kini, nxa sengidabulile iMakedoniya; ngokuba ngiyakudabula iMakedoniya;


Bingelelanani ngokwanga okungcwele. Ayakhonza kini onke amabandla kaKristu.


Bakhala kakhulu bonke, bamgona uPawulu ngentamo, bamanga,


Kepha uPawulu wehla, wawa phezu kwayo, wayisingatha, wathi: “Ningaxokozeli, ngokuba umphefumulo wayo usekhona kuyo,”


Kwabonakala kuPawulu umbono ebusuku; indoda ethile yaseMakedoniya eyayimi imncenga yathi: “Welela eMakedoniya, usisize.”


kwathi esemfumene, wamyisa e-Antiyokiya. Kwase kwenzeka ukuba umnyaka wonke bahlangane ebandleni, befundisa abantu abaningi. Kwaqala e-Antiyokiya ukuba abafundi bathiwe amaKristu.


Kepha amehlo ka-Israyeli ayefiphele ngobudala, engasenakubona; wawasondeza kuye; wawanga, wawagona.


Bingelelanani ngokwanga okungcwele.


Sisuka lapho saya eFilipi elingumuzi oyikhanda lesifunda saseMakedoniya, ikoloni.* Kulowo muzi sahlala izinsuku ezithile.


Esedabulile lezo zindawo, ebavuselela ngamazwi amaningi, wafika ezweni lamaGreki,


wahlala khona izinyanga ezintathu; abaJuda sebenzile icebo ngaye esezakumuka ngomkhumbi ukuya eSiriya, wazimisela ukubuyela emuva edabula iMakedoniya.


ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, ngamandla kaMoya oNgcwele, njengokuba ngasuka eJerusalema, ngazungeza ngaze ngafika e-Iliriku, ngishumayela ivangeli likaKristu ngokupheleleyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite