Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 2:42 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

42 Baqinisela njalo esifundisweni sabaphostoli, nasekuhlanganeni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

42 Bazinikela njalo esifundisweni sabaphostoli, ekuhlanganeni, ekuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

42 Babephikelela emfundisweni yabaphostoli, nasekuhlanganyeleni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemithandazweni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

42 Babephikelela emfundisweni yabaphostoli, nasekuhlanganyeleni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemithandazweni.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 2:42
35 Referans Kwoze  

singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.


Bonke laba baqinisela nganhliziyonye ekukhulekeni kanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo.


lokho esikubonileyo, sakuzwa, sinishumayeza khona nani, ukuze nani nibe nenhlanganyelo nathi. Kepha thina sinenhlanganyelo noYise naneNdodana yakhe uJesu Kristu.


kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.


Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo,


Kwathi ngosuku lokuqala lweviki, sesibuthene ukuba sihlephule isinkwa, uPawulu washumayela kubo ebezakumuka ngangomuso, welula amazwi akhe kwaze kwaba phakathi kobusuku.


ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke,


Kepha nina bathandekayo, yakhelanani ekukholweni kwenu okungcwele kakhulu, nikhuleke ngoMoya oNgcwele,


Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga.


uma kambe nihlala ekukholweni, nisekeliwe nigxilile, ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Pawulu.


Kepha wena yima kulokho okufundile nowaqiniseka kukho, wazi ukuthi ukufunde kobani,


nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaprofethi, uKristu Jesu uqobo lwakhe eyitshe legumbi,


baqinisa imiphefumulo yabafundi bebaluleka ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”


Kepha thina sizakuqinisela ekukhulekeni nasenkonzweni yezwi.”


Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo lapho bebebuthene khona, bagcwaliswa bonke nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.


Ningesiphuze isitsha seNkosi kanye nesitsha samademoni; ningelihlanganyele itafula leNkosi kanye netafula lamademoni.


ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo;


Kepha thina asisibo abokuhlehlela ekubhujisweni, kodwa singabokukholwa, kuze kube ngukusindiswa komphefumulo.


wathi ukuba afike, abone umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabayala bonke ukuba banamathele eNkosini ngokuzimisela inhliziyo.


Ngiyanibonga ngokuba ningikhumbula ezintweni zonke, nibambelela ezifundisweni, njengokuba nganinika zona.


esenyukile wahlephula isinkwa, wadla, wakhuluma nabo isikhathi eside kwaze kwasa; wayesemuka-ke.


Baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi; ngokuba uma bebengabakithi, babeyakuhlala nathi; kodwa baphuma, ukuze babonakaliswe ukuthi bonke abasibo abakithi.


Ngiyamangala ngokuba nimhlubuka masinya kangaka yena owanibizela emuseni kaKristu, niye kwelinye ivangeli,


Sebeyekiwe baya kwabakubo, babika konke abapristi abakhulu namalunga abekushilo kubo.


Base belanda nabo okwenzekileyo endleleni, nokuthi yaziwa kanjani yibo ekuhlephuleni isinkwa.


Kwathi esehlezi nabo ekudleni, wathabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika.


Manje-ke, bazalwane, uma ngiza kini ngikhuluma ngezilimi, ngiyakunisiza ngani, uma ngingakhulumi kini noma ngokwambula, noma ngokwazi, noma ngokuprofetha, noma ngokufundisa na?


ngenxa yokuhlanganyela kwenu evangelini, kusukela osukwini lokuqala kuze kube manje;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite