Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 2:40 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

40 Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

40 Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, ebancenga ethi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esonakeleyo.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

40 Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

40 Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 2:40
34 Referans Kwoze  

ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni,


“Bonile kuye; abasibo abantwana bakhe, kuyisici sabo; bayisizukulwane esiphambeneyo nesiyisigwegwe.


Ziqaphele wena kanye nesifundiso, ume kulezo zinto; ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nabakuzwayo.


Ngakho ngisho, ngifakaza eNkosini, ngithi ningabe nisahamba njengalokhu kuhamba abezizwe ebuzeni bengqondo yabo,


“Ngakho-ke phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi; ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela,


UJesu waphendula wathi: “O! sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni lapha kimi.”


Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso, kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi.” Wabashiya, wamuka.


Ngiyaphinda ngiqinisa kumuntu wonke osokayo ukuthi unecala lokugcina umthetho wonke.


Khona sebemmisele usuku beza kuye endlini yakhe bebaningi, wabachasisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, wabaqondisa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.


“Zinyoka, nzalo yamabululu, niyakukubalekela kanjani ukulahlwa kwasesihogweni na?


NgoSilvanu umfowethu othembekayo ngokubona kwami nginilobele ngokufushane, ngincenga, ngifakaza ukuthi lo yiwo umusa oqinisekileyo kaNkulunkulu; yimani kuwo.


njengokuba nazi ukuthi saniphatha abanye ngabanye njengoyise ephatha abantwana bakhe,


Ngakho singamanxusa kaKristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi; siyanincenga esikhundleni sikaKristu, sithi: “Buyisanani noNkulunkulu.”


Kepha ukuphila angikushayi into yalutho ukuba kube yigugu kimi, kuphela ukuba ngiphelelise ukuhamba kwami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.


Ngakho lindani ngesikhathi sonke, nikhuleke ukuba nibe namandla okuphepha kukho konke lokhu okuyakwenzeka nawokuma phambi kweNdodana yomuntu.”


Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo nesonakeleyo, neNdodana yomuntu iyakuba nezinhloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.”


ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu nokukholwa yiNkosi yethu uJesu.


Kukhona nezinye izinto eziningi azenza uJesu; uma zilotshiwe zona ngazinye, ngithi nezwe lonke lingezanele izincwadi ezingalotshwa.


esenyukile wahlephula isinkwa, wadla, wakhuluma nabo isikhathi eside kwaze kwasa; wayesemuka-ke.


Kwakuhlezi efasiteleni insizwa ethile igama layo lingu-Evitiku, eyazunywa ngubuthongo obunzima, uPawulu eshumayela isikhathi eside; isiyahlulwe ngubuthongo, yawa phansi isuka esitezi sesithathu, yathathwa isifile.


Esedabulile lezo zindawo, ebavuselela ngamazwi amaningi, wafika ezweni lamaGreki,


OJuda noSila, njengokuba nabo bengabaprofethi, babaduduza abazalwane ngamazwi amaningi, babaqinisa.


Wasiyala ukuba sishumayele kubantu, sifakaze ukuthi: Nguye omiswe nguNkulunkulu ukuba abe nguMahluleli wabaphilayo nabafileyo.


Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.


Yekani ubuwula, niphile, nihambe ngendlela yokuqonda.


“Phumani phakathi kwalo, bantu bami, nizikhulule, kube yilowo nalowo ekufuthekeni kwentukuthelo kaJehova.


ngokuba nginabafowethu abayisihlanu, ukuze afakaze kubo, bangezi nabo kule ndawo yobuhlungu.’


Kwathi uJosefa owathiwa ngabaphostoli uBarnaba, okungukuthi ngokuhunyushwa indodana yenduduzo, umLevi waseKhupro ngokuzalwa,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite