Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 2:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Bonke bagcwala uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokhu uMoya wabapha ukuphumisela.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 2:4
55 Referans Kwoze  

Lezi zibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo: ngegama lami bayakukhipha amademoni, bashumayele ngezilimi ezintsha,


Abafundi bagcwala intokozo noMoya oNgcwele.


Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo lapho bebebuthene khona, bagcwaliswa bonke nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.


Ningadakwa yiwayini, kuvela kulo umhumheko, kodwa nigcwaliswe ngoMoya,


omunye ukwenza imisebenzi yamandla, omunye ukuprofetha, omunye ukwahlukanisa omoya, omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi, omunye ukuhumusha izilimi.


Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.


Kwathi uPawulu esebekile izandla phezu kwabo, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo; base bekhuluma ngezilimi, baprofetha.


Ngokuba babezwa bekhuluma ngezilimi, betusa uNkulunkulu. Khona uPetru waphendula wathi:


Khona wahamba u-Ananiya, wangena endlini, wabeka izandla phezu kwakhe, wathi: “Sawulu umzalwane, iNkosi uJesu eyabonakala kuwe endleleni oze ngayo, ingithumile ukuba ubuye ubone, ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.”


Kepha yena egcwele uMoya oNgcwele wagqolozela ezulwini, wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu,


Ngokuba uJohane wayebhapathiza ngamanzi, kepha nina nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele kungakadluli izinsuku eziningi.”


Uthando alusoze lwaphela; kepha nokuba kukhona ukuprofetha, kuyakukhawuka; nokuba kuyizilimi, ziyakunqamuka; nokuba kungukwazi, kuyakukhawuka.


Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo.


Kepha uSawulu osethiwa uPawulu, egcwele uMoya oNgcwele wamgqolozela,


nabaJuda namaproselite,* abaseKrethe nabase-Arabiya, siyabezwa bekhuluma ngezilimi zakithi ngemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu.”


ngokuba uMoya oNgcwele uyakunifundisa ngasona leso sikhathi okufanele nikukhulume.”


Ngibonga uNkulunkulu ngokuba ngikhuluma ngezilimi kakhulu kunani nonke;


UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.


Khona uPetru egcwele uMoya oNgcwele wathi kubo: “Nina babusi bezizwe namalunga,


Kwathi ukuba asho njalo, wabaphephetha, wathi kubo: “Yamukelani uMoya oNgcwele.


UJesu egcwele uMoya oNgcwele wabuya eJordani, waholekela ngoMoya ehlane,


abambulelwe ukuba bangazikhonzi bona kepha nina ngalezo zinto enishunyayezwa zona manje ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, izinto ezizifisayo izingelosi ukuzibona.


Nokho bengithanda ukuba nikhulume ngezilimi nonke, kepha kakhulu ukuba niprofethe; mkhulu kodwa oprofethayo kunokhuluma ngezilimi, uma engahumushi, ukuze ibandla lakheke.


“Ngathi ngisaqala ukukhuluma, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo njengakithi ekuqaleni.


Leli zwi laba lihle kulo lonke ibandla; base bekhetha uStefanu, umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele, noFiliphu, noProkhoro, noNikanori, noThimoni, noPharmena, noNikolawu, iproselite* lase-Antiyokiya,


Funani-ke phakathi kwenu bazalwane amadoda ayisikhombisa anodumo oluhle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esingawamisela lowo msebenzi.


kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”


Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; kasoze waphuza iwayini nophuzo oludakisayo; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina.


“Mina-ke, lokhu kuyisivumelwano sami nabo,” usho uJehova, “sokuthi umoya wami ophezu kwakho namazwi ami engiwabeke emlonyeni wakho akuyikusuka emlonyeni wakho, nasemlonyeni wenzalo yakho, nasemlonyeni wenzalo yenzalo yakho,” usho uJehova, “kusukela manje kuze kube phakade.”


Yebo, ngezindebe ezingingizayo nangolunye ulimi uyakukhuluma kulaba bantu


“UMoya kaJehova wakhuluma ngami; izwi lakhe lalisolimini lwami.


ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke,


nokulwazi uthando lukaKristu oludlula ukwazi konke, ukuze nigcwaliswe kube ngukugcwala konke kukaNkulunkulu.


Ngokuba wayeyindoda enhle, egcwele uMoya oNgcwele nokukholwa; kwenezelwa eNkosini abantu abaningi.


Kepha uStefanu egcwele umusa namandla wenza izimangaliso nezibonakaliso ezinkulu phakathi kwabantu.


ngokuba mina ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha abangemelane nakho, bakuphike, bonke abayimpi kini.


UZakariya uyise wagcwala uMoya oNgcwele, waprofetha wathi:


Kwathi ukuba u-Elisabethe ezwe ukubingelela kukaMariya, umntwana waxhuma esiswini sakhe; u-Elisabethe wagcwala uMoya oNgcwele,


Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehova ngokulunga nangobuqhawe ukuba ngimtshele uJakobe iziphambeko zakhe, u-Israyeli izono zakhe.


“Kepha kuyakuthi, nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma kanjani nokuthi niyakuthini, ngokuba niyakuphiwa ngaso leso sikhathi eniyakukukhuluma.


Lapho sebefike khona entabeni, bheka, iviyo labaprofethi lahlangana naye; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe, waprofetha phakathi kwabo.


ngokuba akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu, kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.


Hamba uye kubathunjwa, kubantwana babantu bakho, ukhulume kubo, uthi kubo: ‘Isho njalo iNkosi uJehova,’ noma bezwa noma benganaki.”


Ngalokho ngigcwele ukufutheka kukaJehova, ngikhathele ukunyamezela. “Kuthululele phezu kwabantwana ezitaladini, nasemihlanganweni yezinsizwa kanyekanye, ngokuba nendoda iyakuthathwa nomkayo, ogugileyo kanye nozinsuku zakhe zigcwele.


U-Eli wathi kuye: “Uyakudakwa kuze kube nini na? Susa iwayini lakho kuwe.”


Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo kubo.


Khona babeka izandla phezu kwabo; base bamukela-ke uMoya oNgcwele.


“Ukhona yini ongala namanzi ukuba bangabhapathizwa laba abamukela uMoya oNgcwele njengathi na?”


UNkulunkulu owazi inhliziyo wabafakazela, ebapha uMoya oNgcwele njengathi;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite