Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 2:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi sekufikile usuku lwePhentekoste, bonke babebuthene ndawonye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Kwathi sekufike usuku lwePhentekhoste, bebuthene bonke ndawonye.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Selufikile usuku lwePhentekoste, babendawonye bonke nganhliziyonye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Selufikile usuku lwePhentekoste, babendawonye bonke nganhliziyonye.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 2:1
23 Referans Kwoze  

ukuze nganhliziyonye nidumise ngamlomo munye uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu.


gcwalisani ukuthokoza kwami ukuba nibe nomqondo munye, ninothando lunye, nibe nhliziyonye, niqonde into inye;


Kuphela hambani ngokufanele ivangeli likaKristu, kuze kuthi, noma ngiza nginibona noma ngingekho, ngizwe izindaba zenu zokuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye nilwela inkolo yevangeli,


Kepha ngizakuhlala e-Efesu, kuze kufike iPhentekoste;


“Ngokuba lapho ngiyakunika abantu izindebe ezihlanzekileyo, ukuze bonke babize igama likaJehova, bamkhonze nganhliziyonye.


Isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; akwabakho noyedwa owasho ngezimpahla zakhe ukuthi ngezakhe, kodwa bakuhlanganyela konke.


nomkhosi wokuvuna wolibo lwemisebenzi yakho oyihlwanyelayo ensimini, nomkhosi wokubutha ngasekupheleni komnyaka, lapho ubutha imisebenzi yakho ensimini.


Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi ukuze angalibali isikhathi e-Asiya; ngokuba wayekhawulezela ukuba, uma kungenzeka, abe khona eJerusalema ngosuku lwePhentekoste.


Bona sebezwile baphakamisa izwi kuNkulunkulu nganhliziyonye, bathi: “Somandla, wena owenza izulu, nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho,


ngibanike inhliziyonye nendlelanye ukuba bangesabe zonke izinsuku, kube kuhle kubo nakubantwana babo emva kwabo.


“Uyakugcina umkhosi wamasonto, owolibo lukakolweni ovuniweyo, nomkhosi wokuvuna ngasekupheleni komnyaka.


Kwenziwa izimangaliso nezibonakaliso eziningi ebantwini ngezandla zabaphostoli; bonke babe nhliziyonye besemphemeni kaSolomoni.


NakwaJuda sasikhona isandla sikaNkulunkulu ukubanika inhliziyonye ukuba benze isiyalezo senkosi nesezikhulu ngezwi likaJehova.


Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.


nalapho abaphethe amacilongo nabahlabeleli bezwakalisa kanyekanye izwi linye lokudumisa nokubonga uJehova, nanxa bekhalisa amacilongo namasimbali* nezinto zokubethwa, bedumisa uJehova ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade, khona indlu yagcwaliswa yifu, yona le ndlu kaJehova,


Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo,


Ngokuba uJohane wayebhapathiza ngamanzi, kepha nina nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele kungakadluli izinsuku eziningi.”


kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”


Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo lapho bebebuthene khona, bagcwaliswa bonke nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite